U-Isaya 18 - isiZulu 1959/1997

Isiprofetho ngeKushe

1Wo kuwena lizwe lokuhashaza kwamaphiko

eliphesheya komfula waseKushe,

2elithuma izigijimi ngolwandle

nangemikhumbi yemihlanga phezu kwamanzi.

Hambani nina zithunywa ezinejubane,

niye esizweni esidephileyo nesikhazimulayo,

kubantu abesabekayo lapha nasekudeni,

isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo,

esilizwe laso lidatshulwe yimifula.

3Nonke nina enakhileyo ezweni

nani nonke enihlezi emhlabeni

bhekani, lapho ibhanela* liphakanyiswa ezintabeni;

zwanini, lapho icilongo libethwa.

4Ngokuba uJehova ushilo kimi kanje, wathi:

“Ngiyakubheka ngithule, ngisendaweni yami,

njengokubalela okukhazimula ekukhanyeni kwelanga,

njengefu lamazolo ekufudumaleni ngesikhathi sokuvuna.”

5Ngokuba kungakafiki ukuvuna,

nokukhahlela sekuphelile,

nembali isiphenduka isithelo esivuthiweyo,

uyakunquma amahlumela ngawocelemba,

awasike amagatsha, awasuse.

6Ayakushiywa ndawonye abe ngawamanqe asezintabeni

nawezilwane zasemhlabeni;

amanqe ayakuhlala ehlobo phezu kwawo,

nazo zonke izilwane zomhlaba

ziyakuhlala ebusika phezu kwawo.

7 Ngaleso sikhathi kuyakulethwa isipho kuJehova Sebawoti

yibo abantu abadephileyo nabakhazimulayo,

sivela kubantu abesabekayo lapha nasekudeni,

isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo,

esilizwe laso lidatshulwe yimifula,

endaweni yegama likaJehova Sebawoti,

intaba yaseSiyoni.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help