U-Isaya 21 - isiZulu 1959/1997

Isiprofetho ngeBabele

1Isiprofetho ngehlane lolwandle.

Njengokudlula kwezivunguvungu eningizimu

kuvela ehlane ezweni elesabekayo.

2Ngitshelwe umbono olukhuni:

umphangi uyaphanga,

umchithi uyachitha.

Yenyuka, Elamu, vimbezela, Mediya;

konke ukukhala kwalo ngikwenza kuphele.

3Ngalokho ukhalo lwami lugcwele imihelo;

inkwantshu ingibambile njengenkwantshu yobelethayo;

ngikhonkobele ukuba ngingezwa,

ngiphele amandla ukuba ngingaboni.

4Ngadukelwa yingqondo,

ngashaywa luvalo;

ukuhwelela engakulangazelela

kwaphenduka ukuthuthumela kimi.

5Ngukulungisa itafula yini?

Ngukwendlala izindwangu,

ukudla nokuphuza, na?

Hhayi, sukumani, zikhulu,

nicobe izihlangu.

6Ngokuba ishilo kanje iNkosi, yathi:

“Hamba umise umlindi

ozakubika akubonayo.

7Lapho ebona abamahhashi,

amahhashi amabili ngamabili,

nezinkweli zezimbongolo,

nezinkweli zamakamela,

uyakuqaphela nokuqaphela ngesineke esikhulu.”

8 Obonayo wayesememeza, wathi:

“Nkosi yami,

ngimi njalo emini embhoshongweni wami,

ngihlezi ngisemlindelweni nasebusuku bonke.

9 Bheka, kuyeza isigaba samadoda,

amahhashi amabili ngamabili.

Wathatha wathi: ‘Liwile, liwile iBabele,

nazo zonke izithombe ezibaziweyo

zawonkulunkulu balo zidilizwe phansi.’ ”

10Wena ongokubhuliweyo kwami kwesibuya sami,

engikuzwileyo kuJehova Sebawoti,

uNkulunkulu ka-Israyeli,

khona ngiyanazisa.

Isiprofetho ngeDuma

11 Isiprofetho ngeDuma.

Ukhona ongimemeza ngiseSeyiri, ethi:

“Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?

Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?”

12Umlindi wathi: “Kuyeza ukusa,

kepha kuse sebusuku.

Uma nithanda ukubuza, buzani;

buyani nize.”

Isiprofetho nge-Arabiya

13 Isiprofetho nge-Arabiya.

Hlalani ebusuku ehlathini lase-Arabiya

nina mahele aseDedanimi.

14Owomileyo bamlethela amanzi

abakhileyo ezweni laseThema,

bahlangabeza ababalekayo nesinkwa.

15Ngokuba babalekela izinkemba,

izinkemba ezihoshiweyo,

neminsalo ensaliweyo,

nobunzima bempi.

16 Ngokuba iNkosi ishilo kimi kanje, yathi: “Phakathi komnyaka, njengeminyaka yomqashwa, udumo lonke lwaseKedari luyakuphela,

17nensali yenani leminsalo yamaqhawe abaseKedari iyakuba ncane,” ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help