UGenesise 48 - isiZulu 1959/1997

UJakobe ubusisa uJosefa namadodana akhe

1Kwathi emva kwalezo zinto kwathiwa kuJosefa: “Bheka, uyihlo uyagula.” Wayesethatha amadodana akhe omabili, oManase no-Efrayimi.

2Kwase kushiwo kuJakobe ukuthi: “Bheka, indodana yakho uJosefa iyeza kuwe.” Wayeseziqinisa u-Israyeli, wahlala embhedeni.

3 UJakobe wathi kuJosefa: “UNkulunkulu uSomandla wabonakala kimi eLuze ezweni laseKhanani, wangibusisa,

4wathi kimi: ‘Bheka, ngizakukuchumisa, ngikwandise, ngikwenze izizwe eziningi, ngiyiphe inzalo yakho leli zwe emva kwakho libe yifa elingunaphakade.’

5 “Manje amadodana akho amabili owazalelwa wona ezweni laseGibithe, ngingakafiki kuwe eGibithe, angawami; o-Efrayimi noManase njengoRubeni noSimeyoni bazakuba ngabami.

6Kepha inzalo yakho oyizala emva kwabo izakuba ngeyakho; iyakubizwa ngegama labafowabo efeni lalabo.

7 Kepha mina ekusukeni kwami ePhadani Aramu ngafelwa nguRaheli endleleni ezweni laseKhanani, kuse yibangana ukuya e-Efrati; ngammbela khona endleleni eya e-Efrati” (eliyiBetlehema).

8U-Israyeli wabona amadodana kaJosefa, wathi: “Ngobani laba na?”

9UJosefa wathi kuye: “Ngamadodana ami angiphe wona lapha uNkulunkulu.”

Wayesethi: “Ake uwalethe kimi, ngiwabusise.”

10Kepha amehlo ka-Israyeli ayefiphele ngobudala, engasenakubona; wawasondeza kuye; wawanga, wawagona.

11Wayesethi u-Israyeli kuJosefa: “Ngangingacabanganga ukuthi ngizakubona ubuso bakho; bheka, uNkulunkulu ungibonise nenzalo yakho.”

12UJosefa wawakhipha emathangeni akhe; wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi.

13UJosefa wayesebathatha bobabili, u-Efrayimi ngesokunene, engakwesokhohlo sika-Israyeli, noManase ngesokhohlo, engakwesokunene sika-Israyeli, wabasondeza kuye.

14U-Israyeli wayeselula isandla sakhe sokunene, wasibeka ekhanda lika-Efrayimi, kanti ungomncane, nesokhohlo ekhanda likaManase, ephambanisa izandla zakhe, ngokuba uManase wayeyizibulo.

15 Wambusisa uJosefa, wathi:

“UNkulunkulu abahamba ebusweni bakhe

obaba o-Abrahama no-Isaka,

uNkulunkulu ongondlile konke ukuhamba kwami

kuze kube namuhla,

16 ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana;

mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o-Abrahama no-Isaka;

mabande, babe baningi phakathi kwezwe.”

17Wabona uJosefa ukuthi uyise wabeka isandla sakhe sokunene ekhanda lika-Efrayimi, kwaba kubi emehlweni akhe; wasibamba isandla sikayise ukuba asisuse ekhanda lika-Efrayimi, asibeke ekhanda likaManase.

18Wayesethi uJosefa kuyise: “Kungabi njalo, ngokuba lo uyizibulo; beka esokunene sakho ekhanda lakhe.”

19 Kepha uyise wala, wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi; naye uyakuba yisizwe, abe mkhulu naye; kodwa umfowabo uyakuba mkhulu kunaye, inzalo yakhe ibe yizizwe eziningi.”

20Wayesebabusisa ngalolo suku ngokuthi:

“Ngawe u-Israyeli uyakubusisa ethi:

‘UNkulunkulu makakwenze

ube njengo-Efrayimi nanjengoManase.’ ”

Wayesembeka-ke u-Efrayimi ngaphambi kukaManase.

21Wayesethi u-Israyeli kuJosefa: “Bheka, mina ngiyafa, kepha uNkulunkulu uyakuba nani, anibuyisele ezweni lawoyihlo.

22 Wena ngikunike olunye ukhalo ngaphezu kwabafowenu engaluthatha esandleni sama-Amori ngenkemba yami nangomnsalo wami.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help