UmShumayeli 12 - isiZulu 1959/1997

1 Futhi khumbula uMdali wakho

emihleni yobusha bakho,

zingakafiki izinsuku ezimbi,

ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi:

“Angithokozi ngayo;”

2yebo, lingakabi mnyama ilanga,

nokukhanya, nenyanga,

nezinkanyezi, namafu engakabuyi emva kwemvula,

3 ngalolo suku lapho abalindi bendlu beyakuthuthumela,

amadoda anamandla agobe,

abasilikazi bayeke ngokuba beyingcosana,

abalunguza emafasiteleni bafiphazelwe,

4iminyango ivalwe esitaladini,

lapho umsindo wokusila uncipha,

umuntu avuke ngezwi lenyoni,

izintombi zonke zokuhlabelela zithuliswe;

5nalapho abantu besaba imimango

izesabiso zibe sendleleni,

umalimondi* ukhahlele,

intethe itotobe,

izithelo zesihlahla sekaphari*

zingabe zisaba namandla,

ngokuba umuntu useya endlini yakhe ephakade,

nabalilayo bazulazula esitaladini;

6yebo, lingakagqabuki igoda lesiliva,

nokhamba lwegolide lungakaphahlazwa,

nembiza ingakafi ngasemthonjeni,

nesondo lingakaphuki ngasemgodini wamanzi,

7 uthuli lubuyele emhlabathini,

njengokuba lwalunjalo,

umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.

8 “Ize leze,” usho uMshumayeli,

“konke kuyize.”

9 Futhi ngokuba uMshumayeli wayehlakaniphile, wayefundisa abantu ukwazi, wazindla, waphenya walungisa izaga eziningi.

10UMshumayeli wafuna ukuthola amazwi anamisayo afanele ukulotshwa, amazwi eqiniso.

11 Amazwi abahlakaniphileyo anjengezincijo, nezigaba zawo zinjengezipikili ezinamatheleyo, ephiwe nguMalusi munye.

12Kepha phezu kwalana, ndodana yami, mawuxwaye; ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela, nokufunda okuningi kukhathaza umzimba.

13 Nakhu ukuphela kwendaba,

lapho sekuzwakele konke:

Mesabe uNkulunkulu,

ugcine imiyalo yakhe,

ngokuba lokho kungokwabantu bonke.

14 Ngokuba uNkulunkulu uyakuyisa

uyakuyisa yonke imisebenzi

ekwahlulelweni kanye nakho konke

okufihliweyo, noma kuhle noma kubi.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help