IzAga 18 - isiZulu 1959/1997

1Ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso,

uphika konke ukuhlakanipha.

2 Isiwula asithokozi ngokuqonda,

kuphela ngokuveza okusenhliziyweni yakhe.

3 Lapho kufika omubi,

kufika nokudelela;

kanye nehlazo kukhona inhlamba.

4 Amazwi omlomo womuntu anjengamanzi ajulileyo,

nomfula ogobhozayo,

nomthombo wokuhlakanipha.

5 Ukukhetha ubuso bomubi

ukuba olungileyo aphambukiswe ekwahlulelweni akukuhle.

6 Izindebe zesiwula ziletha ukuxabana,

nomlomo waso ubiza imivimbo.

7Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso,

nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.

8 Amazwi omncethezi anjengezibiliboco;

ayehlela kokuphakathi komuntu.

9Ovilapha emsebenzini wakhe

yena ungumfowabo wochithayo.

10 Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla;

olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.

11 Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla;

injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.

12 Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyaziqhenya;

ukuthobeka kwandulela udumo.

13Obuyisa izwi engakezwa,

kungubuwula nehlazo kuye.

14 Umoya womuntu uyasekela ubuthakathaka bakhe,

kepha ngubani ongathwala umoya owaphukileyo na?

15Inhliziyo yoqondileyo iyazuza ukwazi,

nezindlebe zabalungileyo ziyafuna ukwazi.

16 Isipho somuntu siyamenzela indawo,

simholele kwabakhulu.

17Ongowokuqala ecaleni lakhe usengathi ulungile,

kepha umakhelwane wakhe ufika, amphenye.

18 Inkatho iyaqeda ukuxabana,

yahlukanise phakathi kwabanamandla.

19Umzalwane owoniweyo ulukhuni kunomuzi onamandla,

nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.

20 Isisu somuntu siyasutha ngesithelo somlomo wakhe,

saneliswe ngokuthela kwezindebe zakhe.

21Ukufa nokuphila kusemandleni olimi,

nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.

22 Ofumana umfazi uthola okuhle;

uzuzile isisa kuJehova.

23Ompofu ukhuluma ngokuncenga,

kepha isicebi siphendula kalukhuni.

24 Umuntu wabangane uyazilimaza,

kepha kukhona abangane ababambelela kuneselamani.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help