U-Eksodusi 24 - isiZulu 1959/1997

Ukumiswa kwesivumelwano

1Wathi kuMose: “Khuphukela kuJehova, wena no-Aroni, noNadabi, no-Abihu, namalunga angamashumi ayisikhombisa akwa-Israyeli, nikhuleke nikude.

2UMose yedwa uyakusondela kuJehova, kepha bona abayikusondela; nabantu abayikukhuphuka naye.”

3 UMose weza wabatshela abantu onke amazwi kaJehova nezahlulelo zonke; abantu bonke baphendula ngazwi linye, bathi: “Onke amazwi uJehova awakhulumileyo siyakuwenza.”

4UMose wabhala onke amazwi kaJehova, wavuka ekuseni ngakusasa, walakha i-altare phansi kwentaba, nezinsika eziyishumi nambili njengokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.

5Wathuma izinsizwa zabantwana bakwa-Israyeli, zanikela ngeminikelo yokushiswa, zahlabela uJehova imihlatshelo yokuthula yezinkunzi.

6UMose wathatha inxenye yegazi, wayithela ezitsheni; inxenye yegazi wafafaza ngayo i-altare.

7Wathatha incwadi yesivumelwano, wayifunda ezindlebeni zabantu; bathi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, silalele.”

8 UMose wayesethatha igazi, wafafaza ngalo abantu, ethi: “Bheka, nanti igazi lesivumelwano uJehova asenze nani ngawo onke lawa mazwi.”

UMose ukhuphukela eSinayi

9Khona bakhuphuka oMose, no-Aroni, noNadabi, no-Abihu, namalunga angamashumi ayisikhombisa akwa-Israyeli.

10 Bambona uNkulunkulu ka-Israyeli; phansi kwezinyawo zakhe kwakungathi kugandayiwe ngamatshe amasafire,* kungathi yizulu uqobo ngokucweba.

11Akasibekanga isandla sakhe kuzo izikhulu zabantwana bakwa-Israyeli; sebembonile uNkulunkulu badla, baphuza.

12UJehova wayesethi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni, uhlale khona, ngikunike izibhebhe zamatshe, nomthetho, nemiyalelo engiyibhalile ukuba ubafundise yona.”

13Wasuka uMose nenceku yakhe uJoshuwa; uMose wakhuphukela entabeni kaNkulunkulu.

14Wathi kumalunga: “Manisihlalele lapha, size sibuyele kini; bhekani, o-Aroni noHure bakini; yilowo nalowo onendaba makaye kubo.”

15UMose wayesekhuphukela entabeni, ifu lasibekela intaba.

16Inkazimulo kaJehova yahlala entabeni yaseSinayi, ifu layisibekela izinsuku eziyisithupha; ngosuku lwesikhombisa esefwini wambiza uMose.

17 Ukubonakala kwenkazimulo kaJehova kwakunjengomlilo oqedayo esiqongweni sentaba emehlweni abantwana bakwa-Israyeli.

18 UMose wangena efwini, wakhuphukela entabeni; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help