UmShumayeli 1 - isiZulu 1959/1997

Konke kuyize leze

1Amazwi oMshumayeli indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema.

2 “Ize leze,” usho uMshumayeli,

“ize leze, konke kuyize.”

3 Kuyinzuzoni kumuntu ngawo wonke umshikashika wakhe

awushikashikayo phansi kwelanga na?

4 Isizukulwane siyamuka,

isizukulwane siyeza,

kepha umhlaba umi phakade.

5 Ilanga liyaphuma, ilanga liyashona,

lishesha ukuya endaweni yalo lapho liphuma khona.

6Umoya uya ngaseningizimu,

uzungeze, uye ngasenyakatho;

uzungazungeza njalo ekuhambeni kwawo,

nasekuzungezeni kwawo umoya uyabuyela.

7Yonke imifula iyangena elwandle,

kepha ulwandle alugcwali;

endaweni eya kuyo imifula,

ibuye iye khona njalo.

8 Zonke izinto ziyakhandleka,

akakho ongakuphimisa;

iso alisuthi ngokubona,

nendlebe ayigcwali ngokuzwa.

9 Okwake kwaba khona yikho okuyakuba khona,

nokwake kwenziwa yikho okuyakwenziwa;

akukho okusha phansi kwelanga.

10Kukhona yini into okuthiwa ngayo:

“Bheka, intsha le.”

Yayikhona nasemandulo ayengaphambi kwethu.

11Akukho ukukhunjulwa kwase bephelile,

nabalandelayo abayakufika abayikukhunjulwa nabo

phakathi kwabalandela bona.

Nokufuna ukuhlakanipha kuyize

12 Mina Mshumayeli ngangiyinkosi phezu kuka-Israyeli eJerusalema.

13 Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.

14 Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; bheka, konke kuyize nokufuna umoya.

15 Okuyisigwegwe akunakuqondiswa, nokungekho akunakubalwa.

16 Ngakhuluma mina nenhliziyo yami, ngathi: “Bheka, ngenzile ukuhlakanipha kube kukhulu, ngikwandisile kunabo bonke phambi kwami eJerusalema, yebo, inhliziyo yami ibonile kakhulu ukuhlakanipha nokwazi.”

17 Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula. Ngase ngibona ukuthi nalokho kwakungukufuna umoya.

18Ngokuba ekuhlakanipheni okuningi kukhona ukukhathazeka okuningi; owandisa ukwazi wandisa usizi.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help