UJoweli 3 - isiZulu 1959/1997

Ukwahlulelwa kwezizwe

1“Ngokuba ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,

lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema,

2ngiyakubutha zonke izizwe,

ngizehlisele esigodini sikaJehoshafati,

ngahlulelane nazo khona ngenxa yabantu bami

nesabelo sami u-Israyeli,

ezibahlakazile phakathi kwezizwe,

zabela izwe lami.

3Zenza inkatho ngabantu bami,

zanika umfana ngesifebe,

zathengisa ngentombazana ngenxa yewayini,

zaliphuza.

4 “Niyini kimi, nina Tire neSidoni, nayo yonke imikhawulo yaseFilistiya na? Niyakungibuyisela utho na? Uma ningibuyisela utho ngiyakushesha ngibuyisele masinyane phezu kwekhanda lenu izenzo zenu,

5njengalokho nithathile isiliva lami negolide lami, nangenisa izinto zami ezinhle emathempelini enu,

6nathengisa ngabantwana bakwaJuda nangabantwana baseJerusalema kumadodana aseJavani ukuba nibadedisele kude nemikhawulo yabo.

7“Bhekani, ngiyakubavusa endaweni enithengisile kuyo ngabo, ngibuyisele ekhanda lenu isenzo senu.

8Ngiyakuthengisa ngamadodana enu nangamadodakazi enu esandleni sabantwana bakwaJuda, bona bathengise ngabo kumaSheba, isizwe esikude,” ngokuba uJehova ukhulumile.

9Memezelani lokhu phakathi kwabezizwe,

ningcwelise impi,

niwavuse amaqhawe;

mawasondele,

enyuke onke amadoda empi.

10 Khandani amakhuba enu abe yizinkemba,

ocelemba benu babe yimikhonto,

obuthakathaka asho ukuthi ngiyiqhawe.

11 Sheshani nifike nina bezizwe zonke nxazonke, nibuthane,

wehlisele khona amaqhawe akho, Jehova.

12“Mabazivuse abezizwe,

benyukele esigodini sikaJehoshafati,

ngokuba ngahlulele bonke abezizwe nxazonke.

13 Fakani isikela,

ngokuba okuzakuvunwa sekuvuthiwe;

ngokuba isikhamo sewayini sigcwele,

nezikhongozelo ziyachichima,

ngokuba ububi babo bukhulu.”

14Yizixuku ngezixuku esigodini sokwahlulela,

ngokuba usuku lukaJehova lusondele esigodini sokwahlulela.

15 Ilanga nenyanga kuba mnyama,

izinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.

16 UJehova uyaduma eseSiyoni,

ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema;

izulu nomhlaba kuyazamazama,

kepha uJehova uyisiphephelo sabantu bakhe,

nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli.

17 Bese nikwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu

engihlala eSiyoni, intaba yami engcwele;

iJerusalema liyakuba ngcwele,

abafokazi abasayikulidabula.

18 “Kuyakuthi ngalolo suku

izintaba ziconse iwayini elimnandi,

amagquma agobhoze ubisi,

yonke imifula yakwaJuda igobhoze amanzi;

kuyakuvela umthombo endlini kaJehova

oyakunisela isigodi saseShithimi.

19 IGibithe liyakuba yincithakalo,

u-Edomi abe yihlane lencithakalo

ngenxa yendluzula eyenziwe kubantwana bakwaJuda,

ngokuba bachithile igazi elingenacala ezweni labo.

20Kepha uJuda uyakuhlala kuze kube phakade,

neJerusalema ezizukulwaneni ngezizukulwane.

21 Ngiyakuphindisela igazi labo engingakaliphindiseli,”

ngokuba uJehova wakhile eSiyoni.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help