U-Isaya 17 - isiZulu 1959/1997

Isiprofetho ngeDamaseku

1 Isiprofetho ngeDamaseku.

“IDamaseku liyakususwa,

lingabe lisaba ngumuzi,

libe yinxiwa nencithakalo

2eshiyiwe kuze kube phakade,

neyakuba ngeyemihlambi ebuthisa khona,

ingesatshiswa muntu.

3 Inqaba iyakuphela kwa-Efrayimi,

nombuso eDamaseku,

nensali e-Aramu,

kube njengodumo lwabantwana bakwa-Israyeli,”

usho uJehova Sebawoti.

4“Kuyakuthi ngalolo suku

udumo luka Jakobe lube buthakathaka,

kuzace ukukhuluphala kwenyama yakhe.

5 Kuyakuba njengomvuni ovuna amabele asemi

nengalo yakhe evuna izikhwebu,

kube njengokukha izikhwebu esiGodini samaRefa.

6Kepha umkhothozo uyakusala khona njengokushaywa kweminqumo:

izithelo ezimbili noma ezintathu enhlokweni phezulu,

ezine noma eziyisihlanu emagatsheni omuthi,”

usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

7Ngalolo suku abantu bayakumbheka uMenzi wabo,

namehlo abo ayakumbuka oNgcwele ka-Israyeli.

8Abayikubheka ama-altare abo,

umsebenzi wezandla zabo,

bangabuki okwenziwe yiminwe yabo,

o-Ashera* nama-altare empepho.

9Ngalolo suku imizi yabo enamandla iyakuba njengezindawo ezishiyiweyo zasehlathini nezaseziqongweni zezintaba abazishiya phambi kwabantwana bakwa-Israyeli zibe yincithakalo.

10Ngokuba ukhohliwe uNkulunkulu wokusindiswa kwakho,

awukhumbulanga idwala lamandla akho;

ngalokho noma utshala izithombo ezimnandi,

uhlwanyele amahlumela angaziwayo,

11ngosuku lokutshala kwakho,

lapho ubiyela,

nangokusa kokuhlwanyela kwakho,

lapho wenza ukuba kuqhakaze,

ukuvuna kuyakubaleka ngosuku losizi

nolobuhlungu obungenakupholiswa.

12 Wo kukho ukuhlokoma kwezizwe eziningi

ezihlokoma njengokuhlokoma kwezilwandle,

nomsindo wokuxokozela kwabezizwe

abaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi.

13 Izizwe ziyaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi,

kodwa uyakuzisola, zibalekele kude,

zixoshwe njengamakhoba asezintabeni phambi komoya,

nothuli olushwilayo phambi kwesiphepho.

14 Ngesikhathi sokuhlwa, bheka, yingebhe;

kungakasi azisekho.

Yilesi esiyisabelo sabasiphangayo,

nenkatho yabasamukayo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help