AbAhluleli 17 - isiZulu 1959/1997

UMika nendlu yakhe yezithombe

1Kwakukhona umuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi ogama lakhe lalinguMika.

2Yena wathi kunina: “Lezo zinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva ezathathwa kuwe, owaziqalekisa, wakhuluma ngazo ezindlebeni zami, bheka, leyo mali ikimi; ngayithatha.”

Unina wathi: “Mayibusiswe nguJehova indodana yami.”

3Wabuyisela kunina lezo zinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva; unina wathi: “Ngiyangcwelisa impela leli siliva kuJehova esandleni sami, libe ngelendodana yami ukuba kwenziwe isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo; manje ngiyakulibuyisela kuwe.”

4Kepha walibuyisela isiliva kunina, unina wathatha izinhlamvu ezingamakhulu amabili zesiliva, wazinika umkhandi wesiliva owenza ngazo isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo; zase zihlala endlini kaMika.

5 Lowo muntu uMika wayenendlu enawonkulunkulu, wenza ingubo yamahlombe namatherafi,* wahlukanisela enye indodana yakhe ibe ngumpristi wakhe.

6 Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe.

7Kwakukhona insizwa yaseBetlehema Juda yomndeni wakwaJuda eyayingumLevi; yayigogobele khona.

8Lowo muntu wamuka emzini, iBetlehema Juda, ukuyobona lapho engathola khona indawo; ekuhambeni kwakhe wafika ezintabeni zakwa-Efrayimi endlini kaMika.

9UMika wathi kuye: “Uvelaphi na?”

Wathi kuye: “NgingumLevi waseBetlehema Juda; ngiyahamba ukubona lapho ngingathola khona indawo.”

10UMika wayesethi kuye: “Hlala kimi, ube ngubaba nompristi wami, ngiyakukunika izinhlamvu eziyishumi zesiliva ngomnyaka, nesambatho, nokudla kwakho.” UmLevi wangena.

11UmLevi wavuma ukuhlala kulowo muntu; nensizwa yaba kuye njengendodana yakhe.

12UMika wayesahlukanisela umLevi, leyo nsizwa yaba ngumpristi wakhe, yahlala endlini kaMika.

13Wayesethi uMika: “Manje sengiyazi ukuthi uJehova uyakungenzela okuhle, lokhu nginomLevi ongumpristi wami.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help