1 AmaKhosi 15 - isiZulu 1959/1997

Ukubusa kuka-Abiyamu no-Asa kwaJuda

1 Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJerobowamu indodana kaNebati u-Abiyamu waba yinkosi kwaJuda.

2Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema; igama likanina lalinguMahakha, indodakazi ka-Abisalomu.

3 Wahamba ezonweni zonke zikayise ayezenzile ngaphambi kwakhe; inhliziyo yakhe yayingekho kuNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide uyise.

4 Nokho ngenxa kaDavide uJehova uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuvusa indodana yakhe emva kwakhe nokumisa iJerusalema,

5 ngokuba uDavide wenza okulungile emehlweni kaJehova, kaphambukanga ngalutho amyala ngalo zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kuphela endabeni ka-Uriya umHeti.

6 Kwakukhona ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.

7Ezinye izindaba zika-Abiyamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abiyamu noJerobowamu.

8 U-Abiyamu wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; u-Asa indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

9Ngomnyaka wamashumi amabili kaJerobowamu, inkosi yakwa-Israyeli, u-Asa waqala ukubusa phezu kukaJuda.

10Wabusa iminyaka engamashumi amane nanye eJerusalema; igama likanina lalinguMahakha indodakazi ka-Abisalomu.

11U-Asa wenza okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise.

12 Waxosha izifebe zethempeli ezweni, wasusa nezithombe ayezenzile uyise.

13 Wamsusa uMahakha unina ebukhosikazini, ngokuba wayenzela u-Ashera* isithombe esinengekayo; u-Asa wanquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.

14Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga; nokho inhliziyo ka-Asa yayikuJehova ngokupheleleyo zonke izinsuku zakhe.

15Wangenisa endlini kaJehova izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele: isiliva, negolide, nezitsha.

16Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBahasha inkosi yakwa-Israyeli zonke izinsuku zabo.

17 UBahasha inkosi yakwa-Israyeli wenyuka ukuhlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuphuma nokungena ku-Asa inkosi yakwaJuda.

18 U-Asa wayesethatha lonke isiliva negolide elalisele engcebeni yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, wakunikela ezandleni zezinceku zakhe; inkosi u-Asa yazithuma kuBeni Hadadi indodana kaTabirimoni kaHeziyoni, inkosi yase-Aramu, owayehlala eDamaseku, yathi:

19“Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo; bheka, ngithuma kuwe isipho sesiliva negolide; hamba waphule isivumelwano sakho noBahasha inkosi yakwa-Israyeli ukuba asuke kimi.”

20 UBeni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwa-Israyeli, wanqoba i-Ijoni, neDani, ne-Abela Beti Mahakha, nalo lonke iKineroti, kanye nalo lonke izwe lakwaNafetali.

21Kwathi lapho uBahasha esekuzwile lokho, wayeka ukwakha iRama, wahlala eTirisa.

22Inkosi u-Asa yayisibiza wonke uJuda, akwababikho owayenokuzilandulela, basusa amatshe aseRama nemithi yalo uBahasha ayakhe ngakho; inkosi u-Asa yakha ngakho iGeba lakwaBenjamini neMispa.

23 Zonke ezinye izindaba zika-Asa, nawo onke amandla akhe, nakho konke akwenzayo, nemizi ayakhayo, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Ngesikhathi sobudala bakhe wayenesifo ezinyaweni zakhe.

24 Wayeselala u-Asa koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide uyise; uJehoshafati indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

ONadabi noBahasha babusa kwa-Israyeli

25UNadabi indodana kaJerobowamu waqala ukubusa phezu kuka-Israyeli ngomnyaka wesibili ka-Asa inkosi yakwaJuda, wabusa phezu kuka-Israyeli iminyaka emibili.

26 Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba endleleni kayise nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.

27UBahasha indodana ka-Ahiya wendlu ka-Isakare wamenzela ugobe; uBahasha wamnqoba eGibethoni elingelamaFilisti, ngokuba uNadabi naye wonke u-Israyeli babelivimbezela iGibethoni.

28Ngomnyaka wesithathu ka-Asa inkosi yakwaJuda uBahasha wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.

29 Kwathi eseyinkosi, wabulala yonke indlu kaJerobowamu, kashiyelanga uJerobowamu noyedwa ophefumulayo, waze wamqothula njengezwi uJehova alikhulumile ngesandla senceku yakhe u-Ahiya waseShilo,

30 ngenxa yezono zikaJerobowamu ona ngazo, futhi onisa ngazo u-Israyeli, ngokucunula kwakhe acunula ngakho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

31Ezinye izindaba zikaNadabi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

32Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBahasha inkosi yakwa-Israyeli zonke izinsuku zabo.

33Ngomnyaka wesithathu ka-Asa inkosi yakwaJuda uBahasha indodana ka-Ahiya waqala ukubusa phezu kuka-Israyeli wonke eTirisa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nane.

34 Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba endleleni kaJerobowamu nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help