KumaHeberu 3 - isiZulu 1959/1997

UKristu mkhulu kunoMose, eyindodana yasendlini

1 Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu,

2 owayethembeka kuyena owammisayo, njengoMose naye wayenjalo endlini yakhe yonke.

3 Ngokuba lowo kwathiwa ufanele inkazimulo enkulu kunoMose, njengalokhu oyakhileyo indlu unodumo olukhulu kunendlu.

4Ngokuba yileyo ndlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu.

5UMose kambe wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kuze kube ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa,

6 kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni.

Abakholwayo mabangadeleli izwi lakhe

7 Ngalokho njengokusho kukaMoya oNgcwele ukuthi:

“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,

8 ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni

ngosuku lokulingwa ehlane,

9lapho oyihlo bangilinga bengihlola,

noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane;

10ngalokho nganengwa yileso sizukulwane,

ngathi: ‘Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo,

abazazanga izindlela zami,’

11ngaze ngafunga ekuthukutheleni kwami,

ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami.’ ”

12 Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo;

13kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla, ukuze kungabikho kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono,

14 ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni.

15Uma kuthiwa:

“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,

ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu

njengasekucunuleni,”

16pho-ke, yibaphi abezwayo bacunula na? Akusibo bonke abaphuma eGibithe ngoMose na?

17 Yibaphi-ke anengwa yibo iminyaka engamashumi amane na? Kwakungesibo abonayo, abazidumbu zabo zawa ehlane na?

18 Yibaphi afunga kubo ngokuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe, uma kungesibo abangalalelanga na?

19Siyabona-ke ukuthi babengenakungena ngenxa yokungakholwa kwabo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help