AmaHubo 128 - isiZulu 1959/1997

Inhlanhla yekhaya lomuntu oqothoIgama lokukhuphuka.

1 Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova,

abahamba ngezindlela zakhe.

2Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho;

uyakuba nenhlanhla nempumelelo.

3Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho,

abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo,

bezungeza itafula lakho.

4Ngokuba bheka,

kanjalo iyakubusiswa indoda

emesabayo uJehova.

5 UJehova makakubusise eseSiyoni;

uyakubona inhlanhla yaseJerusalema

zonke izinsuku zokuphila kwakho.

6 Uyakubona abantwana babantwana bakho.

Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help