UJobe 31 - isiZulu 1959/1997

UJobe uqinisa ukuthi ukuhamba kwakhe kwakulungile njalo

1 “Ngenza isivumelwano namehlo ami:

ngingabuka kanjani intombi na?

2Ngokuba siyini isabelo ebesiyakuvela

kuNkulunkulu phezulu,

nefa likaSomandla ebeliyakuvela ekuphakameni, na?

3Akusikho ukubhubha kwabangalungile

nengozi kwabenza okubi na?

4 Yena akaboni izindlela zami,

abale izinyathelo zami zonke, na?

5“Uma ngihambile ngamanga,

nonyawo lwami luphuthume enkohlisweni,

6 mangilinganiswe ngesilinganiso esilungileyo,

ukuze uNkulunkulu azi ukuphelela kwami.

7Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni,

inhliziyo yami yalandela amehlo ami,

uma kunamathela isisihla ezandleni zami,

8 mangihlwanyele, kudle omunye,

yebo, zisishulwe izithelo zami.

9“Uma inhliziyo yami iyengwe ngowesifazane,

ngaqamekela ngasemnyango womakhelwane wami,

10umkami makasilele omunye,

kuguqe abanye phezu kwakhe.

11 Ngokuba lokho ngabe kuyicala,

ngabe kungububi bokujeziswa.

12Ngokuba kungumlilo odlayo kuze kube sekubhujisweni,

kusishulwe yonke inzuzo yami.

13“Uma ngidelele ukwahlulelwa kwenceku yami

noma okwencekukazi yami,

lapho bephikisana nami,

14ngiyakwenze njani,

lapho uNkulunkulu evuka,

nalapho engiphenya,

ngingaphendula ngokuthini na?

15 Owangenza mina esiswini,

wabenza nabo;

owasibumba esizalweni munye.

16“Uma nginqabele abampofu abakufisayo,

ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,

17 ngadla ucezu lwami lwesinkwa ngingedwa,

ingaludlanga nentandane

18hhayi, ikhulele kimi kwasebusheni bami njengakuyise;

kwasesizalweni sikamame ngangingumholi wabafelokazi

19uma ngibone obhubhile ngokuswela isambatho,

kungekho okokuzimboza kompofu;

20uma ukhalo lwakhe lungangibusisanga,

uma engafudunyezwanga nguboya bezimvu zami;

21uma ngiphakamisele intandane isandla sami,

ngokuba ngabona usizo lwami esangweni,

22maliwe ihlombe lami esiphangeni,

nengalo yami yaphulwe enkothweni yayo.

23Ngokuba ngesaba ukubhujiswa nguNkulunkulu;

ngenxa yokuphakama kwakhe bengingenakwenza lutho.

24 “Uma ngibeke igolide libe yithemba lami,

ngathi egolideni elihle:

‘Ngithemba wena;’

25uma ngithokozile, ngokuba imfuyo yami inkulu

nangokuba isandla sami sithole okuningi;

26uma ngibone ukukhanya ukuthi kuyakhazimula,

nenyanga ukuthi ihamba ngencwazimulo,

27 kwayengwa inhliziyo yami esitha,

nomlomo wanga isandla sami,

28 nalokho kwakungububi bokujeziswa,

ngokuba ngangimphikile uNkulunkulu phezulu.

29 “Uma ngithokozile ngengozi yongizondayo,

ngaxhuma lapho eficwa ngokubi

30 kepha angivumelanga ulimi lwami ukuba lone

ngokucela ukuphila kwakhe ngesifungo

31uma abantu betende lami bengashongo ukuthi:

‘Ngubani ongathola umuntu ongasuthanga ngenyama yakhe na?’ –

32 abafokazi kabalalanga phandle,

ngavulela izihambi iminyango yami –

33uma ngisibekele iziphambeko zami njengo-Adamu

ngokufihla ububi bami esifubeni sami,

34 ngokuba ngesaba isixuku esikhulu,

ngaba novalo lokudelelwa ngabomndeni,

ngaze ngathula, angaphuma emnyango –

35 sengathi angaba khona ongizwayo

nantu uphawu lwami, makangiphendule uSomandla –

ngibe nencwadi ayilobileyo omelana nami!

36Ngangiyakuyithwala emahlombe ami,

ngiyibophe ibe ngumqhele kimi,

37ngimlandise ngomumo wezinyathelo zami,

ngisondele kuye njengesikhulu.

38“Uma umhlaba wami ukhalile ngami,

nemisele yawo ililile kanyekanye;

39uma ngidlile izithelo zawo ngingenamali,

ngenza ukuba bafe abaniniwo,

40makuhlume ikhakhasi esikhundleni sikakolweni,

kuvele ukhula endaweni yebhali.”*

Amazwi kaJobe asephelile.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help