AmaHubo 60 - isiZulu 1959/1997

Umkhuleko wocela ukusizwa ekunqobeni kwezithaKumholi wokuhlabelela. Indlela: Umnduze; ubufakazi. IMiktamu* likaDavide, ekulweni kwakhe nama-Aramu Naharayimi nama-Aramu Soba, uJowabe ebuya, enqoba abakwa-Edomi esiGodini Sikasawoti abayizinkulungwane eziyishumi nambili.

1Nkulunkulu usilahlile, usichithile;

mawubuye usilulamise.

2Uzamazamisile umhlaba, wawudabula izimfa;

zivale izimfa zawo,

ngokuba uyazamazama.

3 Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima;

usiphuzisile iwayini, sabhuyazela.

4Abakwesabayo ubanike ibhanela* ukuba liphakanyiswe ngenxa yeqiniso. Sela*

5 Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe,

sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele.

6UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi:

“Ngiyakwethaba;

ngiyakulidabula iShekemi,

ngisilinganise isiGodi saseSukoti.

7 Ngowami uGileyadi,

ngowami uManase;

u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami,

uJuda uyintonga yami yokubusa.

8 UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela;

phezu kuka-Edomi ngiphonsa isicathulo sami;

yethaba ngami, Filistiya.”

9Ngubani oyakungiyisa emzini oqinileyo na?

Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na?

10 Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na?

Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.

11 Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni,

ngokuba ukusiza komuntu kuyize.

12 NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla;

yena uyakunyathela phansi izitha zethu.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help