1Jehova, wabusisa izwe lakho,
wambuyisa uJakobe ekuthunjweni.
2 Wasusa icala labantu bakho,
wasibekela zonke izono zabo. Sela*
3Wamukisa yonke intukuthelo yakho,
waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho.
4Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu,
ulahle ukusicanukela kwakho.
5 Uyakusithukuthelela njalonjalo na?
Uyakwelulela ulaka lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane na?
6Awuzukusivusa, sibuye siphile,
ukuze abantu bakho bathokoze ngawe, na?
7Sitshengise umusa wakho, Jehova,
usiphe insindiso yakho.
8Mangizwe lokho uNkulunkulu uJehova azakukukhuluma;
uyakhuluma ukuthula kubantu bakhe
nakubo abamesabayo;
mabangabuyeli ebuwuleni.
9 Impela insindiso yakhe iseduze nabamesabayo,
ukuze kuhlale udumo ezweni lethu.
10Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso,
kwangane ukulunga nokuthula.
11 Kuyakuhluma iqiniso emhlabeni,
kulunguzele phansi nokulunga kwasezulwini.
12 Yebo, uJehova uyakuveza okuhle;
izwe lethu liyakuthela izithelo zalo.
13Ukulunga kuyakuhamba phambi kwakhe,
kwenzele izinyawo zakhe indlela.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.