UmShumayeli 7 - isiZulu 1959/1997

Ukudabuka nokuthokoza; ukulunga nokungalungi

1 Igama elihle lingcono kunamafutha amahle,

nosuku lokufa lungcono kunosuku lokuzalwa.

2 Kungcono ukuya endlini yokulila

kunokuya endlini yedili,

ngokuba lokho kungukuphela kwabantu bonke;

nophilayo makakubeke enhliziyweni yakhe.

3 Usizi lungcono kunokuhleka,

ngokuba ngokudabuka kobuso

inhliziyo yenzelwa okuhle.

4 Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila,

kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo.

5Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphileyo

kunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula.

6 Njengokucacamba kwezintathawe eziphansi kwekhanzi,

kunjalo ukuhleka kweziwula.

Nalokho kuyize.

7Impela ukucindezela kuyamhlanyisa ohlakaniphileyo,

nokuthengwa ngomvuzo kuchitha ingqondo.

8 Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo;

onomoya obekezelayo ungcono kunoziphakamisayo.

9 Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho,

ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.

10Ungasho ukuthi:

“Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqala

zazizinhle kunalezi na?”

Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha.

11Ukuhlakanipha kuhle njengefa,

yebo, kunenzuzo kwabalibonayo ilanga,

12 ngokuba kusemthunzini wokuhlakanipha

njengasemthunzini wemali,

kepha inzuzo yokwazi

ingeyokuba ukuhlakanipha

kulondoloza ukuphila kwalowo onakho.

13Bona umsebenzi kaNkulunkulu,

ngokuba ngubani ongelula lokho akugobileyo na?

14 Yenama ngosuku lwenhlanhla,

kepha ngosuku olubi qonda ukuthi

nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo,

ukuze umuntu angafumani lutho

oluyakuba khona emva kwakhe.

15 Konke ngikubonile emihleni yami eyize:

kukhona olungileyo obhubhile ekulungeni kwakhe,

kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe.

16 Ungabi ngolungileyo ngokudluleleyo,

ungazenzi ohlakaniphileyo kakhulu;

uzichithelani na?

17Ungabi mubi ngokudluleleyo,

ungabi yisiwula;

uyakufelani kungakabi yisikhathi na?

18kuhle ukuba ubambelele kulokhu,

yebo, ungabuyisi isandla sakho nakulokho,

ngokuba owesaba uNkulunkulu

uyakuphumelela kukho konke.

19 Ukuhlakanipha kumenza ohlakaniphileyo

ukuba abe namandla kunababusi abayishumi abasemzini.

20 Ngokuba akukho muntu emhlabeni

olungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni.

21 Ungabeki inhliziyo yakho

emazwini onke akhulunywayo,

funa uzwe inceku yakho ikuthuka,

22 ngokuba kaninginingi inhliziyo yakho

iyazi ukuba nawe ubathukile abanye.

23Konke lokho ngikuvivinyile ngokuhlakanipha, ngathi:

“Ngiyakuhlakanipha,”

kepha kwakusala kude nami.

24 Okude nokujulile kakhulu,

ngubani ongakufumana na?

25Ngase ngiphenduka

ukuba inhliziyo yami yazi, ihlole,

ifune ukuhlakanipha nendikimba yezindaba

ukuyokwazi ububi ukuthi bungubuwula,

nobuwula ukuthi bungubuhlanya.

26 Ngase ngifumana okubaba kunokufa:

owesifazane onhliziyo yakhe iyizingibe namanetha,

nezandla zakhe ziyizibopho;

omuhle phambi kukaNkulunkulu uyakuphunyuka kuye,

kepha isoni siyakubanjwa nguye.

27 “Bheka, nakhu engikufumene,” uthi uMshumayeli:

“Ngibeka okunye kokunye

ukuba ngithole indikimba yezindaba,

28nokusafunwa ngumphefumulo wami,

ngingakakufumani kodwa:

indoda inye phakathi kwenkulungwane ngiyifumene,

kepha owesifazane phakathi kwabo bonke labo angimfumananga.

29 Bheka, lokhu kuphela ngikufumene

ukuthi uNkulunkulu wamenza umuntu waba qotho,

kepha bona bafunile amacebo amaningi.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help