UJeremiya 9 - isiZulu 1959/1997

1 Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi,

namehlo ami umthombo wezinyembezi

ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bami

imini nobusuku.

2 Sengathi nga nginendawo yokulala

kwezihambi ehlane

ukuba ngishiye abantu bami,

ngisuke kubo,

ngokuba bangabaphingi bonke,

umhlangano wabakhohlisi.

3“Bagobela umnsalo wolimi lwabo amanga,

abaqinelanga iqiniso ezweni;

kepha basuka kokubi, baya kokubi;

mina-ke abangazi,” usho uJehova.

4 “Yilowo nalowo makaxwaye umakhelwane wakhe,

ningethembi nakumfowenu,

ngokuba abafowenu bonke bayaqinela,

nabo bonke abakhelwane bayahambahamba behleba.

5 Yilowo nalowo uyakhohlisa umakhelwane wakhe,

abakhulumi iqiniso;

bazifundisile izilimi zabo ukukhuluma amanga,

bazikhathaza ngokwenza okubi.

6Uhlala phakathi kwenkohliso;

ngenkohliso bayala ukungazi,” usho uJehova.

7 Ngalokho uJehova Sebawoti usho kanje, uthi:

“Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye,

ngokuba ngingenze njani

ngenxa yendodakazi yabantu bami na?

8 Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo,

lukhuluma inkohliso;

bakhuluma kahle ngomlomo wabo kumakhelwane wabo,

kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.

9 Angiyikubahambela ngalokhu na?” usho uJehova.

“Umphefumulo wami

awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?”

10 Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila,

namadlelo asehlane ukulilisela,

ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo,

kungezwakali ukukhonya kwezinkomo;

izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.

11 “Ngiyakulenza iJerusalema libe yizinqwaba

nekhaya lamakhanka,

ngenze imizi yakwaJuda incithakalo,

lapho kungahlali muntu khona.”

12 Ngubani umuntu ohlakaniphileyo ongakuqonda lokhu, okhulumile kuye umlomo kaJehova, akumemezele, na? Izwe lichithelweni, lasha njengehlane, kungekho odabulayo, na?

13UJehova wathi: “Ngokuba bewushiyile umthetho wami engawubeka phambi kwabo, bengalilalelanga izwi lami, bengahambanga ngalo,

14kepha belandela inkani yezinhliziyo zabo nawoBali abakufundiswa ngoyise.”

15 Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubanika laba bantu ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo.

16 Ngiyakubahlakazela ezizweni abangazazanga bona nawoyise, ngithume emva kwabo inkemba, ngize ngibaqede.”

17 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:

“Qaphelani, nibize abesifazane besililo

ukuba bafike,

nithumele kwabesifazane abahlakaniphileyo

ukuba bafike,

18basheshe basikhihlele isililo,

ukuze amehlo ethu amululeke izinyembezi,

nezinkophe zethu ziphophoze amanzi.

19Ngokuba izwi lokukhala lizwakala

livela eSiyoni, lithi:

‘Yeka ukuphangwa kwethu!

Sijabhile kakhulu, ngokuba silishiyile izwe,

ngokuba badilizile izindlu zethu.’ ”

20Yebo, zwanini izwi likaJehova

nina besifazane,

izindlebe zenu zilamukele izwi lomlomo wakhe,

nifundise amadodakazi enu ukukhala,

kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe ukulila.

21Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu,

kungene ezindlini zethu zamakhosi

ukunquma abantwana ezitaladini,

nezinsizwa ezigcawini.

22 Khuluma! “Usho kanje uJehova, uthi:

“ ‘Izidumbu zabantu ziyakuwa njengomquba endle,

nanjengesithonto emva komvuni,

kungekho okubuthayo.’ ”

23Usho kanje uJehova, uthi:

“Ohlakaniphileyo makangazibongi

ngokuhlakanipha kwakhe,

neqhawe malingazibongi

ngobuqhawe balo,

nocebileyo makangazibongi

ngengcebo yakhe,

24 kepha ozibongayo makazibonge

ngalokhu ukuthi uyangiqonda,

angazi ukuthi nginguJehova

owenza umusa nokwahlulela nokulunga emhlabeni,

ngokuba ngiyathokoza ngokunjalo,” usho uJehova.

25“Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakuhambela bonke abasokileyo ekungasokini kwabo,

26 iGibithe, noJuda, no-Edomi, nabantwana bakwa-Amoni, noMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo abakhe ehlane, ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help