2 kwabaseKorinte 13 - isiZulu 1959/1997

UPawulu uthi uzakubahlola ngesineke nxa esefikile kubo

1 Lokhu kungokwesithathu ngiza kini.

“Ngemilomo yawofakazi ababili

nabathathu izindaba zonke

ziyakuqiniswa.”

2 Besengishilo ngaphambili kulabo abakade bonile nakubo bonke abanye, nakalokhu ngisho ngaphambili – ngisho manje ngingekho, njengalokho ngasho ngikhona ngokwesibili – ukuthi nxa ngifika futhi, angiyikuyekethisa.

3Ngokuba nifuna ubufakazi bokuthi kunguKristu okhulumayo kimi, yena ongebuthakathaka ngakini, kepha unamandla phakathi kwenu.

4 Ngokuba noma wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka, nokho uyaphila ngamandla kaNkulunkulu. Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye, kodwa sizakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu ngakini.

UPawulu ululeka ukuba nabo bazihlole, engakafiki

5 Zihloleni nina, nibone ukuba nisekukholweni yini, nizivivinye nina. Kanti anizazeli yini ukuthi uJesu Kristu ukinina? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa.

6Kepha ngiyethemba ukuthi nizakwazi ukuthi thina asisibo abokwaliwa.

7Siyakhuleka kuNkulunkulu ukuba ningenzi lutho olubi, angisho ukuze sibonakale thina singabavunyiweyo kepha ukuba nina nikwenze okuhle, noma thina singaba njengabaliwayo.

8Ngokuba asinamandla okwenza utho, uma simelana neqiniso, kuphela uma simela iqiniso.

9 Ngokuba siyajabula, nxa sibuthakathaka thina, nina-ke ninamandla; sikukhulekela nalokhu: ukupheleliswa kwenu.

10 Ngalokho ngiloba lezi zinto ngingekho, ukuze, nxa ngikhona, ngingenzi kabukhali ngokwamandla eyanginika wona iNkosi, kube ngawokwakha, kungabi ngawokubhidliza.

Isigcino

11 Elokugcina, bazalwane, thokozani, nipheleliswe, niduduzwe, nibe nhliziyonye, nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.

12 Bingelelanani ngokwanga okungcwele.

13Abangcwele bonke bayakhonza kini.

14Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help