AmaHubo 14 - isiZulu 1959/1997

Ubuwula nobubi babantuKumholi wokuhlabelela. ElikaDavide.

1 Isiwula sithi enhliziyweni yaso:

“Akakho uNkulunkulu.”

Yonakele, iyanengeka imisebenzi yabo;

akakho owenza okuhle.

2 UJehova uyabuka esezulwini abantwana babantu

ukucinga ukuba ukhona yini oqondayo,

ofuna uNkulunkulu.

3 Baphambukile bonke,

bonakele bonke;

akakho owenza okuhle,

akakho noyedwa.

4 Abaqondi lutho yini bonke abenza okubi,

abadla abantu bami,

njengokuba bedla isinkwa,

bangakhuleki kuJehova, na?

5Khona besaba nokwesaba,

ngokuba uNkulunkulu ukuso isizukulwane sabalungileyo.

6Icebo lohluphekileyo niyalijabhisa,

kepha uJehova uyisiphephelo sakhe.

7Sengathi ukusindiswa kuka-Israyeli kungavela eSiyoni.

Mhla uJehova ebuyisa ukuthunjwa kwabantu bakhe

uJakobe uyakwethaba,

u-Israyeli ajabule.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help