KwabaseRoma 10 - isiZulu 1959/1997

AbaJuda bafuna ukulunga ngemisebenzi yomthetho kungengokukholwa, noma ivangeli lishunyayelwe kubo

1 Bazalwane, ukulangazela kwenhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngabo kungukuba basindiswe.

2 Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi bashisekela uNkulunkulu kodwa kungengokuqonda;

3 ngokuba bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, befuna ukumisa okwabo, abakuthobelanga ukulunga kukaNkulunkulu.

4 Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.

5 Ngokuba uMose uloba ukuthi umuntu owenza ukulunga okuvela emthethweni uyakuphila ngakho.

6 Kepha ukulunga okuvela ngokukholwa kusho kuthi: “Ungasho enhliziyweni yakho ukuthi: ‘Ngubani ozakwenyukela ezulwini na?’ okungukuthi ukwehlisa uKristu,

7nokuba: ‘Ngubani ozakwehlela kwalasha na?’ ” okungukuthi ukukhuphula uKristu kwabafileyo.

8Kepha kuthini na? Izwi liseduze nawe, emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi izwi lokukholwa esilishumayelayo.

9 Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa;

10ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa.

11 Ngokuba umbhalo uthi: “Lowo okholwayo akayikujabhiswa.”

12 Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGreki, lokhu yena uyiNkosi yabo bonke, ubacebele bonke abakhuleka kuye,

13 ngokuba “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”

14Kepha bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga nguye na? Bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani, kungekho oshumayelayo na?

15 Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? Njengokulotshiweyo ukuthi:

“Yeka, zinhle izinyawo

zabashumayela izindaba ezinhle.”

16 Kodwa abalilalelanga bonke ivangeli. Ngokuba u-Isaya uthi: “Nkosi, ngubani owakholwa ngesikuzwileyo na?”

17Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.

18 Kepha ngithi: Abezwanga yini na? Yebo, impela:

“Izwi labo liphumele emhlabeni wonke,

nokusho kwabo kuye

nasemikhawulweni yelakhiweyo.”

19 Kepha ngithi: U-Israyeli wayengaqondi na? Kuqala, uMose uthi:

“Mina ngiyakunivusela umhawu ngabangesiso isizwe,

nginithukuthelise ngesizwe esingenangqondo.”

20 Kepha u-Isaya unesibindi sokuthi:

“Ngafunyanwa yilabo abangangifunanga,

ngabonakala kulabo abangangibuzanga.”

21Kodwa ngo-Israyeli uthi:

“Usuku lonke ngelulela izandla zami

kuso isizwe esingalaleliyo nesiphikayo.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help