AmaHubo 65 - isiZulu 1959/1997

Ukubonga izipho zikaNkulunkuluKumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Igama.

1 Udumiso luhlalela wena Nkulunkulu eSiyoni,

nesithembiso siyakugcwaliswa kuwe.

2Wena ozwayo imikhuleko,

beza kuwe bonke abantu.

3 Izenzo ezimbi zangahlula;

iziphambeko zethu uyaziyekela.

4 Ubusisiwe omkhethayo wena, omsondezayo

ukuba ahlale emagcekeni akho;

siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho,

ithempeli lakho elingcwele.

5 Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni,

Nkulunkulu wensindiso yethu,

wena oyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba

nelolwandle olukude;

6yena omisa izintaba ngamandla akhe,

obhince amandla;

7 othulisa ukuduma kwezilwandle,

inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu.

8Abakhile emikhawulweni yomhlaba

bayesaba ngezibonakaliso zakho;

uyethabisa impumalanga nentshonalanga.

9 Uhambela umhlaba, unisa imvula,

uwuvundisa kakhulu;

umfula kaNkulunkulu ugcwele amanzi;

ubalungisela abantu ukudla,

ngokuba uwulungisa kanjalo umhlaba.

10 Umatisa imisele yawo,

ulalisa amasoyi awo;

uwuthambisa ngezihlambi,

ubusise okumila kuwo.

11Umnyaka uyawuhlobisa ngobumnene bakho,

nemikhondo yakho iconsa amafutha.

12 Amadlelo asehlane ayaconsa;

amagquma abhinca injabulo.

13Amadlelo embethe izimvu,

nezigodi zisibekelwe ngamabele;

konke kuyajabula, kuhlabelele.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help