AmaHubo 76 - isiZulu 1959/1997

UNkulunkulu ungumahluleli nomkhululiKumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo lika-Asafa. Igama.

1 UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda,

igama lakhe likhulu kwa-Israyeli.

2Itabernakele* lakhe liseSalema,

nendlu yakhe iseSiyoni.

3 Waphula lapho imicibisholo yomnsalo,

nesihlangu, nenkemba, nempi. Sela*

4Uyakhazimula ngobukhosi,

lapho uvela ezintabeni zempango.

5 Bachithekile abaqinile ngenhliziyo,

balele ubuthongo babo;

amaqhawe awafumanisanga izandla zawo.

6Ngokusola kwakho,

Nkulunkulu kaJakobe,

kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.

7 Wena, yebo, wena uyesabeka;

ngubani ongema ebusweni bakho

ngesikhathi solaka lwakho na?

8Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini;

umhlaba wesaba, wathula

9mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele,

asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela*

10 Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa;

insalelo yolaka uyakuyibhinca.

11 Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu.

Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo.

12 Uyanquma umoya wezikhulu,

wesabeka kuwo amakhosi omhlaba.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help