U-Amose 2 - isiZulu 1959/1997

1 Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaMowabi,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba washisa amathambo enkosi yakwa-Edomi

aba ngumcako.

2 Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaMowabi,

uqede izindlu zamakhosi zaseKeriyote,

uMowabi afe ngokuxokozela,

nangokumemeza,

nangokukhala kwecilongo.

3Ngiyakunquma umahluleli phakathi kwakhe,

ngibulale zonke izikhulu zakhe kanye naye,” usho uJehova.

4 Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova,

abagcinanga izimiso zakhe,

namanga abo abadukisile,

abawalandelayo nawoyise.

5Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda,

uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.”

6 Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Israyeli,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba bathengisile olungileyo ngesiliva,

nompofu ngamabhangqa ezicathulo.

7 Bazondelela amakhanda abampofu ukuba abe sothulini lomhlabathi,

bachezukisa indlela yabathobileyo;

indoda noyise baya entombininye,

ukuze balihlambalaze igama lami elingcwele,

8 bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambiso

eceleni kwawo onke ama-altare,

baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo.

9 “Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo,

akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari,*

ayenamandla njengama-oki;*

kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulu

nezimpande zawo phansi.

10 “Futhi mina nganikhuphula ezweni laseGibithe,

nganihambisa iminyaka engamashumi amane ehlane

ukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.

11Ngavusa kumadodana enu abaprofethi

nasezinsizweni zenu amaNaziri.*

Akunjalo, nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova.

12 “Kepha naphuzisa amaNaziri iwayini,

ngokuthi: ‘Ningaprofethi.’

13“Bhekani, ngiyakunicindezela endaweni yenu

njengengqukumbane icindezela,

igcwele izithungu.

14 Onejubane uyakuswela ukubaleka;

onamandla akayikuqinisa amandla akhe,

neqhawe aliyikuzikhulula.

15Obambe umnsalo akayikuma;

onejubane ngezinyawo zakhe kayikuzikhulula,

nokhwele ihhashi akayikuzikhulula;

16onesibindi phakathi kwamaqhawe

uyakubaleka ze ngalolo suku,” usho uJehova.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help