UJobe 27 - isiZulu 1959/1997

Inkulumo yokugcina kaJobe: usagcizelela ukulunga kwakhe

1UJobe wabuye waphakamisa izwi lakhe, wathi:

2“Kuphila kukaNkulunkulu osusile ukwahlulelwa kwami,

noSomandla owenze munyu umphefumulo wami,

3kusekhona ukuphefumula kimi,

nomoya kaNkulunkulu usemakhaleni ami,

4izindebe zami aziyikukhuluma okubi,

nolimi lwami aluyikukhipha inkohliso.

5Makube kude nami ukuba nginivumele;

angiyikuzaphuca ukuphelela kwami ngize ngife.

6 Ngibambelela ekulungeni kwami, angikuyeki;

inhliziyo yami ayisoli nowodwa wemihla yami.

7“Isitha sami masibe njengomubi,

nongisukelayo njengowonileyo.

8 Liyini ithemba longenaNkulunkulu,

nxa enqunywa,

lapho uNkulunkulu esusa umphefumulo wakhe, na?

9 UNkulunkulu uyakuzwa ukukhala kwakhe,

lapho ehlelwa lusizi, na?

10Uyakuthokoza ngoSomandla,

ambize uNkulunkulu ngezikhathi zonke, na?

11“Ngiyakunifundisa ngesandla sikaNkulunkulu;

okukuSomandla angiyikukufihla.

12Bhekani, nina nonke nikubonile;

kungani ukuba nizenze ize na?

13“Lokhu kuyisabelo somuntu omubi kuNkulunkulu,

nefa lezidlwangudlwangu ezilamukela kuSomandla.

14 Uma abantwana bakhe banda, bandela inkemba;

inzalo yakhe ayiyikusutha ngokudla.

15Abasele kuye bayakumbelwa ekufeni,

abafelokazi babo bangalili.

16Noma enqwabela isiliva njengothuli,

alungise izambatho njengodaka,

17 makakulungise,

kepha kuyakwembathwa ngolungileyo,

ongenacala abele isiliva.

18Uyakha indlu yakhe njengenundu,

ibe njengedlangala elakhiwa ngumlindi.

19Uyalala enothile,

angakuphindi kodwa;

uyavula amehlo akhe, abe engasekho.

20Ingebhe iyamehlela njengamanzi;

isivunguvungu siyamphephula ebusuku.

21Umoya wasempumalanga uyamthatha, amuke;

uyambhengula endaweni yakhe.

22Uyacibishelwa engahawukelwa;

uyabaleka nokubaleka esandleni sakhe.

23Abantu bayakumshayela ihlombe,

bamncimfele ukuba asuke endaweni yakhe.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help