UZakariya 10 - isiZulu 1959/1997

UJehova ungumsizi oqinisileyo

1 Celani kuJehova imvula ngesikhathi semvula yamuva,

uJehova owenza imibani,

abesebanika izihlambi zemvula,

yilowo nalowo aphiwe utshani ezweni lakhe.

2 Ngokuba amatherafi* akhulumile okuyize,

nababhuli babone okungamanga;

bakhuluma amaphupho angelutho,

baduduza ngeze;

ngalokho bayasuka njengezimvu,

bathotshisiwe,

ngokuba kungekho umalusi.

3 “Intukuthelo yami ivuthele abelusi;

ngiyakujezisa izimpongo,

ngokuba uJehova Sebawoti uyakuhambela umhlambi wakhe,

indlu yakwaJuda,

abenze babe njengehhashi elinobukhosi ekulweni.

4 Kuyena kuyakuphuma itshe legumbi,

kuyena isikhonkwane,

kuyena umnsalo wempi,

kuyena bonke ababusi kanyekanye.

5 Bayakuba njengamaqhawe

anyathela udaka ezitaladini ekulweni;

bayakulwa, ngokuba uJehova unabo,

nezinkweli zamahhashi ziyakujabha.

6 “Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda,

ngisindise indlu yakwaJosefa,

ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo,

babe kungathi angizange ngibalahle,

ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;

ngiyakubezwa.

7U-Efrayimi uyakuba njengeqhawe;

inhliziyo yabo iyakuthokoza njengangewayini;

abantwana babo bayakukubona, bathokoze;

inhliziyo yabo iyakujabula kuJehova.

8Ngiyakubahlabela ikhwelo,

ngibabuthe,

ngokuba ngibahlengile;

bayakwanda njengalokho kade banda.

9 Nalapho ngibahlwanyela phakathi kwabantu,

bayakungikhumbula ezindaweni ezikude,

baphile kanye nabantwana babo,

babuye.

10 Ngiyakubabuyisa ezweni laseGibithe,

ngibabuthe e-Asiriya,

ngibangenise ezweni lakwaGileyadi naseLebanoni,

abayikutholelwa indawo.

11 Bayakudabula elwandle lokuhlupheka,

kushaywe amaza olwandle,

nezintwa zonke zeNayile ziyakoma,

kwehliswe ukuziphakamisa kwe-Asiriya,

isuke intonga yaseGibithe.

12 Ngiyakubaqinisa kuJehova,

bahambe egameni lakhe,” usho uJehova.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help