UmShumayeli 3 - isiZulu 1959/1997

Konke kunesikhathi sakho

1 Konke kunesikhathi sakho,

yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.

2 Kukhona isikhathi sokuzalwa

nesikhathi sokufa,

isikhathi sokutshala

nesikhathi sokusiphula okutshaliweyo;

3isikhathi sokubulala

nesikhathi sokuphilisa,

isikhathi sokudiliza

nesikhathi sokwakha;

4isikhathi sokukhala

nesikhathi sokuhleka,

isikhathi sokulila

nesikhathi sokusina;

5isikhathi sokuphonsa amatshe

nesikhathi sokuqoqa amatshe,

isikhathi sokugona

nesikhathi sokungagoni;

6isikhathi sokufuna

nesikhathi sokulahlekelwa,

isikhathi sokugcina

nesikhathi sokuhlahla;

7isikhathi sokuklebhula

nesikhathi sokuthunga,

isikhathi sokuthula

nesikhathi sokukhuluma;

8isikhathi sokuthanda

nesikhathi sokuzonda,

isikhathi sokulwa

nesikhathi sokuzola.

9 Unanzuzoni osebenzayo ngalokho akushikashikayo na?

10Ngibonile umshikashika uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.

11 Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.

12 Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze, bazenzele okumnandi besekhona.

13 Kepha futhi ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.

14 Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kukho, futhi akukho okungasuswa kukho. UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe.

15 Lokhu okukhona yikho okwakukhona,

nalokhu okuyakuba khona kade kwakukhona;

uNkulunkulu ufuna okudlulileyo.

Umuntu ufana nezilwane

16Futhi ngabona phansi kwelanga ukuthi kukhona okubi endaweni yokwahlulela nokuthi kukhona ukushinga endaweni yokulunga.

17 Ngase ngithi enhliziyweni yami:

“UNkulunkulu uyakwahlulela nolungileyo nomubi,

ngokuba kukhona lapha isikhathi sezindaba zonke

nesemisebenzi yonke.”

18Ngathi enhliziyweni yami: “Kungenxa yamadodana abantu ukuze uNkulunkulu awavivinye, wona azibonele ukuthi anjengezilwane nje.

19 Ngokuba okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane, into inye ikwehlela kokubili: njengalokhu kufa lokho, kuyafa nalokhu; kunomphefumulo munye, umuntu akazidluli ngalutho izilwane, ngokuba konke kuyize.

20 Konke kuya endaweni inye; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.

21Ngubani owaziyo ukuthi umoya wamadodana abantu ukhuphukela phezulu, nomoya wezilwane ukuthi wehlela phansi emhlabathini, na?”

22 Ngase ngibona-ke ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngemisebenzi yakhe, lokhu kuyisabelo sakhe, ngokuba ngubani ongambuyisa ukuba abone okuyakuba semva kwakhe na?

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help