AmaHubo 141 - isiZulu 1959/1997

Umkhuleko wocela ukusizwa ezilingweni nasezitheniIhubo likaDavide.

1Jehova, ngiyakhala kuwe, ngiphuthume;

lalela izwi lami, nxa ngikhuleka kuwe.

2 Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho,

nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.

3 Jehova, bekela umlomo wami umlindi,

ugcine umnyango wezindebe zami.

4 Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni embi

ukuba ngenze imisebenzi yobubi

kanye nabantu abenza okubi,

ngingadli izibilebile zabo.

5 Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi;

angisole, kungamafutha ekhanda;

ikhanda lami malingawenqabi,

ngokuba nasebubini babo umkhuleko

wami uyobe usekhona.

6Abahluleli babo bayakuphonswa eweni;

bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi.

7Njengalokhu umuntu elima,

eklaya umhlabathi,

amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.

8 Kepha amehlo ami akuwe Jehova Nkosi yami;

ngiyakwethemba wena;

ungathululi umphefumulo wami.

9Ngihlenge ogibeni abangibekele lona,

nasezihibeni zabenza okubi.

10 Ababi mabawele emanetheni abo,

mina ngidlule kuwo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help