1 kuThimothewu 3 - isiZulu 1959/1997

Okufuneka kwabazakuphatha ibandla nakumadiyakoni*

1 Likholekile leli zwi elithi: Uma umuntu efisa isikhundla sombonisi, unxanela umsebenzi omuhle.

2 Ngakho umbonisi umelwe abe ngongasolekiyo, indoda emfazi munye, abe ngozikhuzayo, oqondileyo, oziphatha ngokufaneleyo, ongenisa izihambi, onesu lokufundisa,

3 ongesilo ixhwele lewayini, ongesiso isilwi, kepha omnene, ongaxabaniyo, onganxaneli imali,

4 ophatha kahle indlu yakhe, abantwana bakhe bemthobela ngenhlonipho yonke –

5kepha uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na? –

6angabi ngosanda kukholwa, funa ngokukhukhumala ayele ekulahlweni kukaSathane.

7 Kumelwe futhi ukuba abe nobufakazi obuhle kwabangaphandle, funa ayele esihlambeni nasesihibeni sikaSathane.

8 Ngokunjalo namadiyakoni* kufanele abe nesizotha, angabi ndimimbili, angabi ngabanaka kakhulu iwayini, angahaheli inzuzo embi,

9 ephethe imfihlakalo yokukholwa kunembeza omhlophe.

10Nalabo mabaqale bahlolwe, andukuba babe ngamadiyakoni, uma bengasoleki.

11 Ngokunjalo nabesifazane mababe nesizotha, abangahlebi, abazithibayo, abathembekayo ezintweni zonke.

12Amadiyakoni mawabe ngamadoda amfazi munye, abusa kahle abantwana bawo nemizi yawo.

13 Ngokuba amadiyakoni akhonze kahle azizuzela ukuma kahle nesibindi esikhulu ekukholweni okukuKristu Jesu.

Umgomo wale ncwadi

14Lokhu ngikulobela khona ngithemba ukuza kuwe masinyane;

15 kepha uma ngilibala, khona uyakwazi ukuthi kumelwe ukuba abantu bahambe kanjani endlini kaNkulunkulu eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.

16 Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi:

Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni,

wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni,

wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help