AmaHubo 30 - isiZulu 1959/1997

Ukubonga kosindisiweyo ekufeniIhubo. Igama lokuvula indlu. ElikaDavide.

1Ngiyakuphakamisa, Jehova,

ngokuba ungikhuphulile;

awuvumanga ukuba izitha zami zijabule phezu kwami.

2 Jehova Nkulunkulu wami,

ngakhala kuwe, wangiphilisa.

3 Jehova,

umphefumulo wami uwukhuphulile endaweni yabafileyo,

wangiphilisa phakathi kwabashona emgodini.

4Dumisani uJehova nina enimkhonzayo,

nibonge igama lakhe elingcwele.

5 Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje,

umusa wakhe uba ngowokuphila konke;

kusihlwa kungena ukukhala,

ekuseni ukujabula.

6Mina ngithe ekubuseni kwami:

Angisoze nganyakaziswa naphakade.

7Jehova,

ngomusa wakho ubuwenzile ukuba iqine intaba yami;

wabufihla ubuso bakho,

ngase ngithuthumela.

8Ngakhala kuwe Jehova;

nganxusa kuJehova, ngathi:

9 “Kukhona nzuzoni egazini lami

nasekushoneni kwami egebeni na?

Uthuli luzakukudumisa yini,

lushumayele iqiniso lakho, na?

10Yizwa, Jehova, ube nomusa kimi;

Jehova, yiba ngumsizi wami.”

11Waphendula ukukhala kwami kwaba ngukusina;

wangikhumula izingubo zami zokulila,

wangembathisa ukujabula,

12 ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli;

Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help