1Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:
2“Ukubusa nokwesabeka kukuye
owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.
3 Ukhona yini ongabala izimpi zakhe,
nokukhanya kwakhe akuphumeli bani na?
4 Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu,
nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na?
5Bheka, nenyanga ayinankazimulo,
nezinkanyezi azihlambulukile emehlweni akhe.
6 Pho, kakhulu kangakanani umuntu oyimpethu,
nendodana yomuntu eyisibungu, na?”
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.