UJobe 25 - isiZulu 1959/1997

Inkulumo yesithathu kaBilidadi: akukho okuhlambulukile emehlweni kaNkulunkulu

1Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:

2“Ukubusa nokwesabeka kukuye

owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.

3 Ukhona yini ongabala izimpi zakhe,

nokukhanya kwakhe akuphumeli bani na?

4 Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu,

nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na?

5Bheka, nenyanga ayinankazimulo,

nezinkanyezi azihlambulukile emehlweni akhe.

6 Pho, kakhulu kangakanani umuntu oyimpethu,

nendodana yomuntu eyisibungu, na?”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help