AmaHubo 7 - isiZulu 1959/1997

Ukunxusa uJehova ukuba avikele abazingelwayoIShigayoni* likaDavide alihubela uJehova ngenxa yamazwi kaKushe wakwaBenjamini.

1Jehova, Nkulunkulu wami,

ngiyaphephela kuwe;

2ngisindise kubo bonke abangizingelayo,

ungikhulule,

bangaze bawudwengule umphefumulo wami njengengonyama

eklebhula, kungekho okhululayo.

3Jehova Nkulunkulu wami,

uma ngikwenzile lokho,

uma kukhona okubi ezandleni zami,

4uma ngiphindise okubi kohlalisene nami ngokuthula,

ngaphanga isitha sami kungekho sici,

5isitha masiwuzingele umphefumulo wami, siwufice,

sikunyathele phansi ukuphila kwami,

nesithunzi sami sisilahle phansi othulini. Sela*

6 Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho,

uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele;

ngokuba uyalezile ukwahlulela.

7Umhlangano wezizwe mawukuphahle,

ubuyele phezulu ngaphezu kwawo.

8 UJehova uyahlulela izizwe;

ngahlulele, Jehova,

ngokulunga kwami nangobuqotho bami obukimi.

9 Makuphele ukonakala kwababi,

kepha olungileyo mawumqinise.

Nguwe phela ohlola izinhliziyo nezinso,

Nkulunkulu olungileyo.

10 Isihlangu sami sikuNkulunkulu

osindisa abaqotho ngenhliziyo.

11 UNkulunkulu ungumahluleli olungileyo;

unguNkulunkulu othukuthela imihla yonke.

12 Uma umuntu engaphenduki,

uyakulola inkemba yakhe,

ansale umnsalo wakhe, awulungisele,

13 izikhali zokubulala azibhekisele kuye;

imicibisholo uyenza ishise.

14 Unemihelo ngobubi;

ukhulelwe ngukona, uzala amanga.

15 Umgodi uwumba, uwugubha,

kepha ukhalakathela egebeni alenzileyo.

16 Ukwelelesa kwakhe kubuyela ekhanda lakhe;

ubudlwangudlwangu bakhe behlela okhakhayini lwakhe.

17 Ngizakumbonga uJehova ngokokulunga kwakhe,

ngihubele igama likaJehova oPhezukonke.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help