AmaHubo 64 - isiZulu 1959/1997

Umkhuleko wocela ukuvikelwa ezitheniKumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1Yizwa, Nkulunkulu,

izwi lami ekukhaleni kwami,

ulondoloze ukuphila kwami evusweni lesitha.

2Ngisithe esigungwini sababi nasesixukwini sabenza okubi,

3 abalola ulimi lwabo njengenkemba,

bakhombe imicibisholo yabo engamazwi ababayo

4 ukuba bamdubule ongenacala ngasesitha,

bamdubule ngokuzuma bengesabi.

5 Baqinela icebo elibi;

bakhuluma ngokufihla izingibe;

bathi: “Ngubani oyakusibona na?”

6Basongoza izenzo ezimbi,

bathi: “Siliqedile icebo elisongoziweyo,”

izibilini nenhliziyo yomuntu kujulile.

7 Kepha uNkulunkulu uyakubadubula ngomcibisholo;

bagwazwe ngokuzunywa.

8 Bayakuwiswa, baficwe lulimi lwabo;

bonke abababonayo bayonikina ikhanda.

9 Bonke abantu bayashaywa luvalo;

bayakushumayela izenzo zikaNkulunkulu,

baqonde akwenzileyo.

10 Olungileyo uyakujabula kuJehova, aphephele kuye;

bonke abaqotho ngenhliziyo bayakuzibonga.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help