AmaHubo 62 - isiZulu 1959/1997

UNkulunkulu uyisiphephelo sethuKumholi wokuhlabelela. KuJeduthuni.* Ihubo likaDavide.

1Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela;

insindiso yami ivela kuye.

2 Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami;

angiyikunyakaziswa kakhulu.

3Koze kube nini nisukela umuntu

ukuba nimbulale nonke

njengodonga olwengemeyo

nothango oludilikayo na?

4Yebo, bathunga icebo lokumwisa ekuphakameni kwakhe,

bathanda amanga;

bayabusisa ngomlomo wabo,

kepha ezibilinini zabo bayaqalekisa. Sela*

5Mphefumulo wami,

zithulisele kuNkulunkulu kuphela,

ngokuba ithemba lami livela kuye.

6 Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami,

inqaba yami; angiyikunyakaziswa.

7Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu;

idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.

8Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu,

nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe;

uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela*

9 Abantwana babantu bangumoya nje,

abantwana bezikhulu bangamanga;

esilinganisweni bayakhuphuka,

balula kunomoya bonke.

10 Maningakwethembi ukuqhwaga,

ningazigabisi ngokuphangiweyo;

uma imfuyo yanda,

ningayibeki inhliziyo kuyo.

11UNkulunkulu ukhulumile kanye,

ngikuzwe kabili

ukuthi amandla angakaNkulunkulu.

12 Nomusa ungowakho, Nkosi;

ngokuba wena umphindisela umuntu

njengokwenza kwakhe.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help