1UDavide nezinduna zempi base bahlukanisela inkonzo amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani, nakaJeduthuni, ayeyakuprofetha ngamahabhu,* nangezingubhu, nangamasimbali;* umumo wabantu balo msebenzi wenkonzo wawunje:
2emadodaneni ka-Asafa: ngoZakuri, noJosefa, noNethaniya, no-Asharela, amadodana ka-Asafa, phansi kwezandla zika-Asafa owaprofetha ngezandla zenkosi.
3KuJeduthuni: amadodana kaJeduthuni: ngoGedaliya, noSeri, noJeshaya, noShimeyi, noHashabiya, noMatithiya, bebayisithupha, phansi kwezandla zikayise uJeduthuni owaprofetha ngehabhu* ngokubonga nangokudumisa uJehova.
4KuHemani: amadodana kaHemani: ngoBukiya, noMathaniya, no-Uziyeli, noShebuweli, noJerimoti, noHananiya, noHanani, no-Eliyatha, noGidaliti, noRomamiti Ezeri, noJoshibekasha, noMaloti, noHothiri, noMahaziyoti;
5bonke labo babe ngamadodana kaHemani umboni wenkosi ngamazwi kaNkulunkulu okuphakamisa uphondo lwakhe; uNkulunkulu wamnika uHemani amadodana ayishumi nane namadodakazi amathathu.
6Onke lawo ayephansi kwezandla zikayise ekuhlabeleleni endlini kaJehova ngamasimbali,* nangezingubhu, nangamahabu* enkonzweni yasendlini kaNkulunkulu, o-Asafa noJeduthuni noHemani bephansi kwezandla zenkosi.
7Umumo wabo kanye nabafowabo ababefundisiwe ukuhlabelela kuJehova nabayizazi wawungamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili.
8 Benza inkatho ngenkonzo, omunye ngomunye, omncane njengomkhulu, isazi nomfundi.
9Inkatho yokuqala yadla uJosefa ka-Asafa, neyesibili uGedaliya; yena nabafowabo namadodana akhe babe yishumi nambili;
10eyesithathu uZakuri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
11eyesine uJisiri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
12eyesihlanu uNethaniya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
13eyesithupha uBukiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
14eyesikhombisa uJesharela, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
15eyesishiyagalombili uJeshaya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
16eyesishiyagalolunye uMathaniya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
17eyeshumi uShimeyi, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
18eyeshumi nanye u-Azareli, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
19eyeshumi nambili uHashabiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
20eyeshumi nantathu uShubayeli, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
21eyeshumi nane uMatithiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
22eyeshumi nanhlanu uJeremoti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
23eyeshumi nesithupha uHananiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
24eyeshumi nesikhombisa uJoshibekasha, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
25eyeshumi nesishiyagalombili uHanani, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
26eyeshumi nesishiyagalolunye uMaloti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
27eyamashumi amabili u-Eliyatha, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
28eyamashumi amabili nanye uHothiri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
29eyamashumi amabili nambili uGidaliti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
30eyamashumi amabili nantathu uMahaziyoti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
31eyamashumi amabili nane uRomamiti Ezeri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.