1Jehova Nkulunkulu wensindiso yami,
ngikhala imini nobusuku phambi kwakho.
2Umkhuleko wami mawufike ebusweni bakho,
indlebe yakho uyibeke ekunxuseni kwami.
3Ngokuba umphefumulo wami ugcwele izinsizi,
ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo.
4 Ngibalwa kanye nabashona emgodini,
nginjengomuntu ofileyo.
5 Icansi lami liphakathi kwabafileyo;
nginjengababuleweyo abalele ethuneni,
ongasabakhumbuli,
benqunyiwe esandleni sakho.
6Ungibekile emgodini ojulile kunayo yonke,
ebumnyameni, otweni.
7 Kuyangisinda ukuthukuthela kwakho;
amadlambi akho onke ayangicindezela phansi. Sela*
8 Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude,
wangenza ngibe yisinengiso kubo;
ngivalelwe, ngingephume.
9Iso lami liyafa ngosizi;
ngikhala kuwe Jehova imihla yonke,
ngizelulela izandla zami kuwe.
10Abafileyo uyakubenzela isimangaliso na?
Ziyakuvuka yini izithunzi, zikubonge, na? Sela*
11Kuyalandiswa yini ethuneni ngomusa wakho,
nangokuthembeka kwakho endaweni yokubhujiswa na?
12 Izimangaliso zakho ziyaziwa yini ebumnyameni,
nokulunga kwakho ezweni lokukhohlwa na?
13Kepha mina, Jehova, ngikhala kuwe;
ekuseni umkhuleko wami uyenyuka
phambi kwakho.
14Jehova, ulahlelani umphefumulo wami,
ungifihlelelani ubuso bakho na?
15Ngihluphekile, ngingofayo kusukela ebusheni bami;
ngithwele ukwesabeka kwakho, ngiphelile.
16Ulaka lwakho olushisayo lungehlele;
ukwesabisa kwakho kungiqedile.
17Kungizungeza njengamanzi imihla yonke,
kungikaka kanyekanye.
18 Isihlobo nomngane ubaxoshele kude;
ubumnyama bungumhlobo wami.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.