UZakariya 7 - isiZulu 1959/1997

Ukuzila okuyikho

1Kwathi ngomnyaka wesine wenkosi uDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya ngolwesine lwenyanga eyisishiyagalolunye, ekaKhisilevi.

2IBethele lalithume oSareseri noRegemi Meleki namadoda abo ukunxusa kuJehova

3 nokukhuluma kubapristi abasendlini kaJehova Sebawoti nakubaprofethi ngokuthi: “Ngikhale ngenyanga yesihlanu, ngizile, njengalokho ngenzile le minyaka eminingi, na?”

4Lase lifika izwi likaJehova Sebawoti kimi, lathi:

5 “Khuluma kubo bonke abantu bezwe nakubo abapristi, uthi: ‘Ekuzileni kwenu nasekulileni ngenyanga yesihlanu nangeyesikhombisa le minyaka engamashumi ayisikhombisa nangizilela nokungizilela mina na?

6Lapho nidlayo nalapho niphuzayo, anizidleli, niziphuzela nina, na?

7 Akusiwo lawa mazwi uJehova awamemezayo ngesandla sabaprofethi bokuqala, lapho iJerusalema lalakhiwe lisabusa, nalapho imizi yalo nxazonke zalo nelaseningizimu nehlanze kwakwakhiwe, na?’ ”

8Izwi likaJehova lafika kuZakariya, lathi:

9 “Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: ‘Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo,

10 ningacindezeli abafelokazi, nezintandane, nabafokazi, nabampofu, kungabi ngoceba okubi ngomfowabo enhliziyweni yakhe.’

11 “Kepha bala ukulalela, baphekula ihlombe, benza izindlebe zabo zaba buthuntu ukuba bangezwa.

12 Benza izinhliziyo zabo zaba yidayimani,* funa bezwe umthetho namazwi ayewathume uJehova Sebawoti ngoMoya wakhe ngesandla sabaprofethi bokuqala; ngalokho kwavela intukuthelo enkulu ivela kuJehova Sebawoti.

13 “ ‘Kwathi njengalokho wamemeza, bona bengezwanga, kanjalo,’ usho uJehova Sebawoti, ‘bayakumemeza bona, ngingezwa mina.

14 Ngiyakubahlakazela phakathi kwezizwe zonke abangazazanga. Izwe selichithekile emva kwabo, ukuze kungabikho muntu odlulayo nobuyayo, ngokuba benza izwe elihle laba yincithakalo.’ ”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help