UJobe 30 - isiZulu 1959/1997

UJobe ukhala ngokudelelwa kwakhe. NoNkulunkulu uqobo uyisitha sakhe

1“Kepha manje abancane

ngeminyaka kunami bayangihleka,

oyise babo engangibadelela

ukuba ngingababeki naphakathi kwezinja zezimvu zami.

2Yebo, namandla ezandla zabo angangisiza kanjani,

abantu abaphelile iziphika, na?

3Bondile ngokuswela nangendlala;

baququda ugwadule oluyize, olwaluyilohle nakuqala.

4Bayakha imifino kasawoti ezihlahleni;

izimpande zezinwele zingukudla kwabo.

5Bayaxoshwa phakathi kwabantu;

bamemeza emva kwabo njengasemva kwamasela.

6Bahlala ezigodini ezesabekayo,

nesemihumeni yomhlaba, naseziweni.

7Bayakhonya phakathi kwezihlahla;

phansi kwezimbabazane bayabuthana,

8bengabantwana beziwula,

abantwana babangenamagama,

beshaywa, bexoshwa ezweni.

9 “Manje sengihaywa yibo,

yebo, sengiyisaga sabo.

10 Bayanengwa yimi, bemi kude nami;

abayeki ukungikhafulela ngamathe.

11Bakhululile imichilo yabo,

bangithobisa;

balahlile itomu phambi kwami.

12Ngakwesokunene kuvuka amachwensa;

agudlumeza izinyawo zami,

anginqwabelela izindlela zokubhubhisa.

13Achitha umkhondo wami;

asebenzela ukubhujiswa kwami engazibambi.

14Angena kungathi ngesikhala esibanzi;

phakathi kwencithakalo atheleka phezu kwami.

15Ingebhe ithululwa phezu kwami;

njengomoya luyaxoshwa udumo lwami;

inhlalakahle yami iyadlula njengefu.

16 “Manje umphefumulo wami uthululiwe phakathi kwami;

izinsuku zosizi zingibambile.

17Ebusuku amathambo ami ayabhotshozwa, asuke kimi;

ubuhlungu obungigedlayo abuphumuli.

18Ngamandla amakhulu umzimba wami wonakele;

unamathela kimi njengentamo yesambatho sami.

19 Ungiphonsile odakeni;

sengifana nothuli nomlotha.

20 “Ngikhala kuwe,

kepha awungiphenduli;

ngimi lapha, uyangibuka nje.

21Uyaguquka ukuze ungiphathe ngonya;

ngamandla esandla sakho uyangizingela.

22Uyangiphakamisela emoyeni, ungikhwelisa kuwo,

wenze ukuba ngincibilike ngokuhlokoma kwesivunguvungu.

23 Ngokuba ngiyazi ukuthi ungiyisa ekufeni

nasendlini yokubuthana kwabaphilayo bonke.

24“Kepha umuntu angelule isandla sakhe encithakalweni,

akhale uma esengozini, na?

25 Angimkhalelanga yini ozinsuku zakhe zazilukhuni na?

Umphefumulo wami awuhawukelanga abampofu na?

26 Lapho ngabheka okuhle,

kwafika okubi;

ngalindela ukukhanya,

kwafika ubumnyama.

27Izibilini zami ziyaxhuxhuzela,

aziphumuli;

izinsuku zosizi zingehlele.

28Ngihamba ngimnyama,

kungenziwanga yilanga;

ngisukuma ebandleni ngikhala.

29 Ngingumfowabo wamakhanka,

nomngane wezintshe.

30Isikhumba sami simnyama,

siyebuza kimi;

amathambo ami ashile ngokushisa.

31Ihabhu* lami seliphenduke isililo,

nomtshingo wami uyizwi labakhalayo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help