AbAhluleli 5 - isiZulu 1959/1997

Ihubo likaDebora noBaraki

1Base behlabelela oDebora noBaraki indodana ka-Abinohama ngalolo suku, bethi:

2 “Ngokuba abaholi beholile

kwa-Israyeli,

ngokuba abantu bezinikela ngenhliziyo,

bongani uJehova.

3“Yizwani nina makhosi;

bekani indlebe nina zikhulu;

mina, yebo, mina ngiyakuhlabelela kuJehova,

ngihubele kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

4 “Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri,

ekusukeni kwakho ezweni lakwa-Edomi

umhlaba wazamazama, namazulu aconsa,

yebo, amafu aconsa amanzi.

5Izintaba zathuthumela ebusweni

bukaJehova,

yebo, nalo iSinayi lelo,

ebusweni bukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

6 “Ezinsukwini zikaShamgari indodana

ka-Anati,

ezinsukwini zikaJayeli imendo yayishiyiwe;

ababeyakuhamba ngemendo bahamba ngemikhondo.

7 Abaholi baphela kwa-Israyeli,

banqamuka,

ngaze ngavuka mina Debora,

ngavuka ngingunina kwa-Israyeli.

8 Bakhetha onkulunkulu abasha;

lapho kwafika impi emasangweni;

kwabonwa isihlangu noma umkhonto yini

phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?

9Inhliziyo yami ikubabusi

bakwa-Israyeli

abazinikelayo ngenhliziyo phakathi kwabantu;

bongani uJehova.

10“Nina enigibela izimbongolo

ezimhlophe,

nina enihlezi emacansini,

nani enihamba ngendlela, kulandeni.

11Ekwahlukaniseni impango phakathi

kwemiqengqe yamanzi

balanda khona izenzo ezilungileyo zikaJehova,

ukulunga kokubusa kwakhe kwa-Israyeli;

khona abantu bakaJehova behlela emasangweni.

12“ ‘Vuka, vuka, Debora!

Vuka, vuka, uhube ihubo!

Vuka, Baraki, uthumbe abathunjwa bakho,

wena ndodana ka-Abinohama!’

13“Khona wayenza insali ukuba ibuse

abakhulu;

abantu bakaJehova bangibeka ukuba ngibuse iziqhwaga.

14 Kwavela kwa-Efrayimi abampande yabo ikuma-Amaleki;

emva kwakho nguBenjamini phakathi kwabantu bakho.

KwaMakiri kwavela ababusi,

kwaZebuloni abaphethe intonga yomholi.

15Izikhulu zakwa-Isakare zazinaye

uDebora;

njengo-Isakare, kanjalo noBaraki;

behlela ngokushesha esigodini ezinyathelweni zakhe.

Ngaseminonjaneni yakwaRubeni

kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.

16Wahlalelani ezibayeni zezimvu

ukuzwa ikhwelo lemihlambi na?

Ngaseminonjaneni yakwaRubeni

kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.

17 UGileyadi wahlala phesheya

kweJordani;

uDani walibalelani emikhunjini na?

U-Asheri wahlala ngasogwini lolwandle,

wasala ngasemathekwini akhe.

18UZebuloni wayengabantu abazidela

kwaze kwaba sekufeni,

uNafetali kanjalo ezindaweni eziphakemeyo zezwe.

19“Amakhosi afika alwa,

alwa amakhosi aseKhanani

eThahanaki ngasemanzini aseMegido;

awathathanga nzuzo yamali.

20 Kwaliwa ezulwini;

izinkanyezi ezindleleni zazo zalwa noSisera.

21 Umfudlana iKishoni wabakhukhula,

umfudlana wamandulo, umfudlana iKishoni.

Awu, mphefumulo wami, nyathela ngamandla.

22Khona zadubuza izinselo zamahhashi

ngokugadula, ukugadula kwezinkweli zawo.

23‘Qalekisani iMerozi,’ kwasho ingelosi

kaJehova;

‘qalekisani nokuqalekisa abantu balo,

ngokuba abezanga ukumsiza uJehova

ukuba bamsize uJehova ukulwa neziqhwaga.’

24 “Uyakubusiswa phezu kwabesifazane

uJayeli

umkaHebere umKheni,

abusiswe phezu kwabesifazane basematendeni.

25Wacela amanzi, wamupha ubisi,

wamlethela amangqanga ngesitsha samakhosi.

26Wafaka isandla sakhe

esikhonkwaneni,

esokunene sakhe esandweni sezisebenzi;

ngesando wamshaya uSisera,

wadebeza ikhanda lakhe,

yebo, wamgqobhoza, wambhoboza esikhaleni sendlebe.

27Wakhothama ngasezinyaweni zakhe,

wawa, walala;

ngasezinyaweni zakhe wafola, wawa;

lapho wakhothama khona, wawela khona efile.

28“Wabheka efasiteleni, wamemeza,

unina kaSisera wathi eheleni:

‘Inqola yakhe ilibalelani ukufika na?

Zilibaziselwani izinyawo zezinqola zakhe na?’

29Amakhosazana akhe ahlakaniphileyo amphendula,

yebo, wazibuyisela yena uqobo impendulo ngokuthi:

30‘Angithi batholile babelana impango?

Intombi, yebo, izintombi ezimbili endodeni ngayinye;

kuSisera impango yezingubo ezinemibala,

impango yezingubo ezinemibala ezifekethisiweyo;

izingubo ezimbili ezinemibala ezifekethisiweyo zezintamo

zaba yimpango.’

31 “Mazibhubhe kanjalo zonke izitha

zakho, Jehova;

kepha abamthandayo mababe njengelanga,

lapho liphuma ngamandla alo.”

Izwe selaba nokuthula iminyaka engamashumi amane.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help