UJobe 29 - isiZulu 1959/1997

UJobe ukhumbula inhlalo yakhe yakuqala

1UJobe wabuye waphakamisa izwi lakhe, wathi:

2“Sengathi nga

nginjengasezinyangeni zakuqala,

njengasemihleni uNkulunkulu angigcina ngayo,

3lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami,

ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,

4yebo, njengasezinsukwini zokuvuthwa kwami,

lapho ubuhlobo bukaNkulunkulu babuphezu kwetende lami;

5lapho uSomandla wabe esenami,

nabantwana bami babe besangizungeza;

6lapho izinyathelo zami zagezwa ngamangqanga,

nedwala elalingakimi langithelela imifula yamafutha.

7“Lapho ngaphuma ngaya esangweni ngasemzini,

ngalungisa isihlalo sami esigcawini,

8izinsizwa zangibona, zacasha,

nezimpunga zasuka zema,

9izikhulu zayeka ukukhuluma,

zabeka izandla emilonyeni yazo;

10izwi labakhulu lathuliswa;

izilimi zabo zanamathela olwangeni lwabo.

11Lapho indlebe yangizwa, yangibusisa,

nalapho iso langibona, langifakazela.

12 Ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayo

kanye nentandane engenamsizi.

13Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami;

ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula.

14 Ngembatha ukulunga,

kwaba yisambatho kimi;

ukwahlulelwa kwami kwakunjengengubo nomqhele kimi.

15 Ngaba ngamehlo ezimpumputhe nezinyawo zezinyonga.

16Nganginguyise wabampofu;

indaba yengingamaziyo ngayiphenya.

17Ngaphula imihlathi yowonayo,

ngahlwitha impango emazinyweni akhe.

18“Ngase ngithi:

‘Ngiyakufa esidlekeni sami,

ngandise izinsuku zami zibe ngangesihlabathi.

19Impande yami iyazivulela amanzi;

amazolo alala ubusuku bonke egatsheni lami;

20udumo lwami lusha njalo kimi,

umnsalo wami wenziwa musha esandleni sami.’

21“Abantu bangilalela belinda;

bathula ngesiluleko sami.

22Emva kwamazwi ami ababe besakhuluma;

amazwi ami aconsela phezu kwabo.

23Bangilindela njengemvula;

bangikhamisela imilomo yabo

njengokukhamisela imvula yamuva.

24Ngabahleka bengenakukholwa;

ukukhanya kobuso bami kabakufiphazanga.

25Uma ngangikhethile izindlela zabo,

ngangiyakuhlala emqoka,

ngahlalisa okwenkosi empini,

njengoduduza abalilayo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help