U-Isaya 13 - isiZulu 1959/1997

Isiprofetho ngeBabele

1 Isiprofetho ngeBabele asibonayo u-Isaya indodana ka-Amose.

2Misani ibhanela* entabeni elucwatha,

nibaphakamisele izwi,

nibaqhwebe ngezandla ukuba bangene emasangweni abakhulu.

3Mina uqobo ngibayalile abangcwele bami,

yebo, ngibizele amaqhawe ami okwentukuthelo yami,

bona labo abami abajabula ngokuziqhenya.

4Umsindo wesixuku ezintabeni

kungathi ngowabantu abaningi!

Umsindo wokuxokozela kwemibuso

yabezizwe ihlangene!

UJehova Sebawoti uyabutha impi yakhe.

5Bavela ezweni elikude

nasekugcineni kwezulu

uJehova nezikhali zentukuthelo yakhe,

ukuba bachithe umhlaba wonke.

6 Klewulani, ngokuba usuku lukaJehova lusondele;

njengencithakalo evela kuSomandla luyafika.

7Ngalokho izandla zonke ziyadangala,

nezinhliziyo zonke ziyaphela amandla.

8Bayashaqeka, babanjwa yiminjunju nobuhlungu,

bazibinya njengababelethayo.

Babhekana omunye nomunye bemangala.

Ubuso babo bungubuso bamalangabi.

9Bheka, usuku lukaJehova luyeza,

lunonya, lunokufutheka,

lunokuvutha kolaka,

ukuba lwenz'ize umhlaba,

luchithe izoni zawo kuwo.

10 Ngokuba izinkanyezi zezulu nawondwenjana bazo

akuyikukhanya;

ilanga liyakuba mnyama ekuphumeni kwalo,

nenyanga ayisayikukhipa ukukhanya kwayo.

11Ngiyakulijezisa izwe ngobubi balo,

nababi ngezono zabo,

ngenze ukuba kuphele ukuzidla kwabaziqhenyayo,

ngithobise ukuziphakamisa kwabacindezeli.

12 Ngiyakwenza umuntu abe yigugu kunegolide elihle,

yebo, umuntukazana kunegolide elicwengekileyo.

13Ngalokho ngiyakuzamazamisa izulu,

umhlaba unyakaziswe endaweni yawo,

ngentukuthelo kaJehova Sebawoti

ngosuku lokuvutha kwentukuthelo yakhe.

14Kuyakuthi njengensephe exoshwayo nezimvu ezingaqoqwa muntu,

baphendukele, kube yilowo nalowo kubantu bakubo,

babalekele, kube yilowo ezweni lakubo.

15Bonke abatholwayo bayakugwazwa,

nabo bonke ababanjwayo bayakuwa ngenkemba.

16 Izingane zabo ziyakuchotshozwa emehlweni abo,

izindlu zabo ziphangwe,

omkabo baphoqwe.

17Bhekani, ngiyakubavusela amaMede angayikunaka isiliva,

negolide angathokozi ngalo.

18Iminsalo iyakuwisa phansi izinsizwa zabo;

abayikuhawukela isithelo esisesizalweni,

amehlo abo angabi nasihe kubantwana.

19 IBabele, umhlobiso wemibuso,

isivunulo sokuzikhukhumeza kwamaKaledi,

liyakuba njengokuchitha kukaNkulunkulu iSodoma neGomora.

20Alisoze labuye lakhiwa,

akusayikuhlalwa kulo ezizukulwaneni ngezizukulwane;

umArabiya akayikumisa khona,

nabelusi abayikulala lapho nemihlambi yabo.

21 Kepha izilwane zasehlane ziyakubuthisa khona,

nezindlu zalo ziyakugcwala izikhova;

kuyakuhlala lapho izintshe,

namademoni ayakungqabashiya khona.

22Izimpungushe ziyakukhala ezinqabeni zalo,

namakhanka ezindlini zamakhosi;

siseduze ukufika isikhathi salo,

nezinsuku zalo aziyikwandiswa.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help