AmaHubo 118 - isiZulu 1959/1997

Igama lokudumisa

1 Bongani uJehova, ngokuba muhle,

ngokuba umusa wakhe umi phakade.

2 Makathi u-Israyeli:

“Yebo, umusa wakhe umi phakade.”

3Mayithi indlu ka-Aroni:

“Yebo, umusa wakhe umi phakade.”

4Mabathi abamesabayo uJehova:

“Yebo, umusa wakhe umi phakade.”

5 Engcingweni yami ngakhuleka kuJehova,

uJehova wangiphendula endaweni ebanzi.

6 UJehova ungakimi, angiyikwesaba;

umuntu angangenzani na?

7UJehova ungakimi ekanye nabangisizayo;

ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo.

8 Kuhle ukuphephela kuJehova

kunokwethemba umuntu.

9 Kuhle ukuphephela kuJehova

kunokwethemba izikhulu.

10Bonke abezizwe bayangizungeza;

egameni likaJehova ngiyakubachitha.

11Bayangikaka, yebo, bayangizungeza;

egameni likaJehova ngiyakubachitha.

12Bayangibunganyela njengezinyosi,

bacimeka njengomlilo wameva;

egameni likaJehova ngiyakubachitha.

13Bayangihlohloloza ukuba ngiwe,

kepha uJehova uyangisiza.

14 UJehova ungamandla ami nesihlabelelo sami,

waba yinsindiso yami.

15 Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisezindlini zabalungileyo;

esokunene sikaJehova senza okwamandla.

16Esokunene sikaJehova siphakeme,

esokunene sikaJehova sisebenza ngamandla.

17 Angiyikufa, kepha ngiyakuphila,

ngishumayele imisebenzi kaJehova.

18UJehova wangilaya nokungilaya,

kodwa akanginikelanga ekufeni.

19 Ngivuleleni amasango okulunga,

ngingene ngawo,

ngimdumise uJehova.

20Yileli isango likaJehova;

olungileyo uyakungena ngalo.

21Ngiyakukudumisa,

ngokuba ungizwile,

waba yinsindiso yami.

22 Itshe abalinqabayo abakhi

selaba yinhloko yegumbi.

23Lona lavela kuJehova;

liyisimangaliso emehlweni ethu.

24Yilolu usuku alwenzileyo uJehova;

siyakwethaba, sithokoze ngalo.

25Sindisa, Jehova! ngiyakuncenga;

hlahlamelisa, Jehova! ngiyakucela.

26 Makabusiswe ozayo egameni likaJehova;

siyanibusisa sisendlini kaJehova.

27UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele;

hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube sezimpondweni ze-altare.

28 Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakukubonga;

Nkulunkulu wami, ngiyakukuphakamisa.

29Bongani uJehova, ngokuba muhle,

ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help