AmaHubo 53 - isiZulu 1959/1997

Ukukhala ngobuwula nobubi babantuKumholi wokuhlabelela. NgeMahalati.* IMaskili* likaDavide.

1 Isiwula sithi enhliziyweni yaso:

“Akakho uNkulunkulu,”

iziphambeko zabo zimbi, ziyanengeka;

akakho owenza okuhle.

2 UNkulunkulu esezulwini uyababheka abantwana babantu

ukubona uma kukhona yini onokuqonda,

ofuna uNkulunkulu.

3Baphambukile bonke,

bonakele bonke;

akakho owenza okuhle,

akakho noyedwa.

4Abanakwazi yini abenza okubi,

abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa,

bengakhuleki kuNkulunkulu.

5Besaba nokwesaba,

lapho kungekho okwesabisayo;

ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe;

wena ubajabhisile,

ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.

6 Sengathi kungavela ukusindiswa kuka-Israyeli eSiyoni.

Kuyakuthi lapho uNkulunkulu eguqula ukuthunjwa kwabantu bakhe,

uJakobe ethabe, u-Israyeli ajabule.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help