UGenesise 12 - isiZulu 1959/1997

Ukubizwa kuka-Abrama

1 UJehova wathi ku-Abrama: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona.

2Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, wena ube yisibusiso.

3 Ngiyakubabusisa abakubusisayo, nokuqalekisayo ngiyakumqalekisa; imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe.”

4Wayesesuka u-Abrama, njengalokho uJehova emtshelile; uLoti wahamba naye; u-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu mhla ephuma eHarana.

5U-Abrama wathatha uSarayi umkakhe, noLoti indodana yomfowabo, nempahla yonke ababeyibuthile, nezinceku ababezitholile eHarana; basuka ukuya ezweni laseKhanani; bafika-ke ezweni laseKhanani.

Ukufika kuka-Abrama eKhanani

6U-Abrama wadabula izwe, waze wafika endaweni yaseShekemi nase-okini* laseMore; amaKhanani ayesekhona ezweni.

7 UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho.” Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.

8 Wayesesuka lapho, waya entabeni ngasempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi lingasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wakhuleka egameni likaJehova.

9Ngasemuva u-Abrama wahamba waqonda njalo ngaseningizimu.

Ukuhamba kuka-Abrama ukuya eGibithe

10Kwakukhona indlala ezweni; u-Abrama wehlela eGibithe ukuba agogobale khona, ngokuba indlala yayinzima ezweni.

11Kwathi esasondela ukungena eGibithe, wathi kuSarayi umkakhe: “Bheka-ke, ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle, obukekayo.

12Kuyakuthi ukuba abaseGibithe bakubone, bathi: ‘Ngumkakhe lowo,’ bazakungibulala mina, bakulonde wena.

13 Mawuthi ungudadewethu, ukuze kube kuhle kimi ngenxa yakho, umphefumulo wami uphile ngenxa yakho.”

14Kwathi u-Abrama efika eGibithe, abaseGibithe babona owesifazane ukuthi muhle kakhulu.

15Izinduna zikaFaro zambona, zambabaza phambi kukaFaro; owesifazane wangeniswa endlini kaFaro.

16U-Abrama waphathwa kahle ngenxa yakhe; waba nezimvu, nezinkabi, nezimbongolo, nezinceku, nezincekukazi, nezimbongolokazi, namakamela.

17 Kepha uJehova wamshaya uFaro nendlu yakhe ngezinhlupho ezinkulu ngenxa kaSarayi umka-Abrama.

18UFaro wayesembiza u-Abrama, wathi: “Kuyini lokho okwenze kimi na? Awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho na?

19Usholoni ukuthi: ‘Ungudadewethu,’ ngize ngimthathe abe ngumkami, na? Bheka manje, nangu umkakho; mthathe, uhambe.”

20UFaro wayala amadoda ngaye; ammukisa kanye nomkakhe nakho konke anakho.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help