AmaHubo 34 - isiZulu 1959/1997

Ukubonga umusa kaNkulunkuluElikaDavide mhla ezishaya uhlanya phambi kuka-Abimeleki owamxosha waze wamuka.

1 Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke;

ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo.

2Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova;

abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule.

3Mtuseni uJehova kanye nami,

siphakamise igama lakhe kanyekanye.

4Ngamfuna uJehova, wangiphendula;

wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.

5Babheka kuye phezulu, bakhanya;

ubuso babo abusoze bajabha.

6Nasi isihlupheki esakhala,

uJehova wezwa,

wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.

7 Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.

8 Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;

ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.

9 Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe,

ngokuba abasweli lutho abamesabayo.

10 Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,

kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.

11Zanini, bantwana, ningilalele;

ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.

12 Ngumuphi umuntu othanda ukuphila,

ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na?

13 Londa ulimi lwakho kokubi,

nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso.

14 Deda kukho okubi, wenze okuhle;

funa ukuthula, ukujonge.

15 Amehlo kaJehova akubo abalungileyo;

izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.

16 Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi

ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.

17 Labo bayakhala, uJehova uyezwa;

uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.

18 UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo;

uyabasindisa abanomoya odabukileyo.

19Ziningi izinhlupheko zolungileyo,

kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.

20 Uyawagcina onke amathambo akhe;

alaphulwa nelilodwa kuwo.

21Okubi kuyakumbulala omubi;

abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala.

22UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe;

akakho kwabamethembayo oyakuba necala.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help