U-Isaya 43 - isiZulu 1959/1997

Ukuhlengwa kuka-Israyeli

1 Kepha manje usho kanje uJehova

owakudalayo wena Jakobe,

nowakubumba wena Israyeli, uthi:

“Ungesabi ngokuba ngikuhlengile,

ngikubizile ngegama lakho;

ungowami.

2 Lapho udabula emanzini,

mina nginawe;

nasemifuleni, ayiyikukukhukhula;

lapho uhamba emlilweni, awuyikusha,

nelangabi aliyikukushisa.

3 Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho,

oNgcwele ka-Israyeli,

uMsindisi wakho;

ngiyanika iGibithe libe yihlawulo lakho,

iKushe neSheba esikhundleni sakho.

4Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami,

futhi ubudumile, uthandekile kimi,

ngiyakunika abantu esikhundleni sakho,

nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.

5 Ungesabi, ngokuba nginawe;

ngiyakuyiletha inzalo yakho iphume empumalanga,

ngikubuthe nasentshonalanga.

6 Ngiyakusho kuyo inyakatho,

ngithi: ‘Balethe,’

nakuyo iningizimu: ‘Ungabagodli.’

Lethani amadodana ami akude,

namadodakazi ami

ukuba aphume emikhawulweni yomhlaba,

7 onke abizwe ngegama lami,

nengiwadalele inkazimulo yami,

engiwabumbile nengiwenzile.”

8 Lethani abantu abayizimpumputhe abanamehlo

nezithulu ezinezindlebe.

9 Izizwe zonke mazibuthelwe ndawonye,

abantu bonke babuthane;

ngubani phakathi kwabo ongamemezela lokhu,

asizwise izinto zakuqala;

mabalethe ofakazi babo ukuba balungisiswe,

bezwe, bathi: “Kuyiqiniso.”

10 “Ningofakazi bami,” usho uJehova,

“nenceku yami engiyikhethileyo

ukuba nazi, ningethembe,

niqonde ukuthi nginguye;

ngaphambi kwami akwenziwanga uNkulunkulu,

nangasemva kwami akayikuba khona.

11 Mina, mina nginguJehova,

ngaphandle kwami akakho umsindisi.

12Ngimemezele, ngisindisile, ngizwisile,

kungakabikho unkulunkulu wabezizwe phakathi kwenu;

yebo, ningofakazi bami,” usho uJehova,

“mina nginguNkulunkulu.

13 Yebo, kwasendulo nginguye;

akakho ongophula esandleni sami;

lapho ngisebenza,

ngubani ongakuvimbela na?”

14Usho kanje uJehova, uMhlengi wenu,

oNgcwele ka-Israyeli, uthi:

“Ngenxa yenu ngithumele eBabele,

ngiyakwehlisa bonke njengababaleki,

namaKaledi ngemikhumbi yokujabula kwawo.

15NginguJehova oNgcwele wenu,

uMdali ka-Israyeli, iNkosi yenu.”

16 Usho kanje uJehova owenza indlela elwandle,

nomkhondo emanzini anamandla,

17okhipha izinqola namahhashi,

impi namandla;

kuyalala kanyekanye, akusenakuvuka;

kucishile, kucinyiwe njengomongo.

18“Ningakhumbuli izinto zakuqala,

ningazindli ngezindaba zasendulo.

19 Bhekani, ngiyakwenza okusha;

kuyakuqhamuka manje,

angithi niyakwazi na?

Yebo, ngiyakwenza indlela ehlane

nemifula kwahlongasibi.

20Izilwane zasendle ziyakungidumisa,

amakhanka nezintshe,

ngokuba ngiveza amanzi ehlane

nemifula kwahlongasibi

ukuphuzisa abantu bami abakhethiweyo,

21laba bantu engizenzele bona

ukuba bashumayele udumo lwami.

22“Kepha awungibizanga, Jakobe,

ngokuba wadinwa yimi, Israyeli.

23Awulethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa,

awungidumisanga ngemihlatshelo yakho;

angikukhonzisanga ngeminikelo,

angikudinisanga ngenhlaka.

24Awungithengelanga umhlanga othaphukayo ngemali,

awungisuthisanga ngamanoni emihlatshelo yakho,

kepha ungisebenzisile ngezono zakho,

ungidinisile ngobubi bakho.

25 “Mina, mina nginguye

owesula iziphambeko zakho ngenxa yami;

angiyikukhumbula izono zakho.

26 Ngikhumbuze, masahlulelane;

yisho wena ukuba ulungisiwe.

27Uyihlo wokuqala wona,

abahumushi bakho bangihlubukile.

28Ngidumazile izikhulu zendlu engcwele,

ngimenzile uJakobe abe yisiqalekiso,

no-Israyeli abe yisithuko.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help