AmaHubo 61 - isiZulu 1959/1997

Ukucelela inkosi isibusisoKumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. ElikaDavide.

1Yizwa, Nkulunkulu, ukukhala kwami,

ulalele umkhuleko wami.

2Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba,

lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni;

ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.

3 Ngokuba ubuyisiphephelo sami,

inqaba eqinileyo ngakuso isitha.

4 Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade;

ngiyakukhosela ekusithekeni kwamaphiko akho. Sela*

5Ngokuba wena Nkulunkulu uzizwile izithembiso zami,

wabanika ifa abalesaba igama lakho.

6 Uyakweleka izinsuku ezinsukwini zenkosi;

iminyaka yayo iyakuba njengezizukulwane nezizukulwane.

7Iyakuhlala phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade;

yimisele umusa neqiniso ukuba kuyilondoloze.

8Khona ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade,

ukuze ngigcwalise izithembiso zami imihla ngemihla.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help