UMika 4 - isiZulu 1959/1997

Isithembiso sokuthula

1 Kepha kuyakuthi ngezinsuku ezizayo

intaba yendlu kaJehova

iqiniswe esiqongweni sezintaba,

iphakame kunamagquma,

nabantu bayakugobhozela khona.

2 Izizwe eziningi ziyakuhamba, zithi:

“Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova

nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe;

uyakusifundisa izindlela zakhe,

sihambe emikhondweni yakhe,

ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni,

nezwi likaJehova eJerusalema.

3 Uyakwahlulela phakathi kwezizwe eziningi,

anqume phakathi kwezizwe ezinamandla ezikude;

ziyakukhanda izinkemba zazo zibe ngamakhuba,

imikhonto yazo ibe ngocelemba;

isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba,

zingabe zisafuna ukulwa.

4 Bayakuhlala,

kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe

naphansi komkhiwane wakhe;

akakho oyakubesabisa,

ngokuba umlomo kaJehova Sebawoti ukhulumile.

5Ngokuba bonke abantu bahamba,

kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe,

kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu

kuze kube phakade naphakade.

6 “Ngalolo suku,” usho uJehova,

“ngiyakubutha abaqhugayo,

ngiqoqe abaxoshiweyo nengenze okubi kubo,

7 ngenze abaqhugayo babe yinsali,

abadediselwe kude babe yisizwe esinamandla;

uJehova uyakubusa phezu kwabo entabeni yaseSiyoni

kusukela manje kuze kube phakade.

8 Wena mbhoshongo womhlambi,

negquma lendodakazi yaseSiyoni kuyakufika kuwe,

yebo, ukubusa kokuqala kuyakufika,

umbuso wendodakazi yaseJerusalema.”

9 Umemezelani manje ngokumemeza okungakho na?

Ayikho inkosi kuwe,

ubhubhile umluleki wakho,

lokhu ubanjwe yimihelo njengobelethayo.

10 Yiba nemihelo, uzale,

ndodakazi yaseSiyoni njengobelethayo,

ngokuba manje uyakuphuma emzini,

uhlale endle,

ufike naseBabele,

lapho uzakophulwa khona;

lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.

11Manje izizwe eziningi zikubuthanele;

zithi: “Malingcoliswe,

amehlo ethu alibuke iSiyoni.”

12 Kepha azazi imicabango kaJehova,

aziqondi amasu akhe,

ngokuba uzibuthile njengezithungu esibuyeni.

13 “Suka ubhule, ndodakazi yaseSiyoni,

ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi,

nezinselo zakho ngizenze insimbi;

uyakuchoboza abantu abaningi,”

kwahlukaniselwe uJehova inzuzo yabo,

nemfuyo yabo kuyo iNkosi yomhlaba wonke.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help