AmaHubo 27 - isiZulu 1959/1997

Ukujabulela uNkulunkulu nezwi lakheElikaDavide.

1UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami;

ngizakwesaba bani na?

UJehova uyinqaba yokuphila kwami;

ngizakuba novalo ngobani na?

2Ekusondeleni kwababi ukuba badle inyama yami

abamelene nami nezitha zami bayakhubeka, bawe.

3 Noma impi imisa ngakimi,

inhliziyo yami ayesabi;

noma ngivukelwa ngukulwa,

nokho nginethemba.

4 Kunye engikucele kuJehova,

ngiyakufuna khona:

ukuba ngihlale endlini kaJehova

izinsuku zonke zokuphila kwami

ukubona ubuhle bukaJehova,

ngibuke ithempeli lakhe.

5 Ngokuba uyangithukusa edokodweni lakhe

ngosuku lokuhlupheka,

angicashise ekusithekeni kwetende lakhe,

angiphakamisele edwaleni.

6Nakalokhu ikhanda lami lizakuphakama

ngaphezu kwezitha zami ezingihaqileyo;

ngizakunikela iminikelo yokwethaba etendeni lakhe,

ngihlabelele, ngidumise uJehova ngogubhu.

7Yizwa, Jehova, ngikhala ngezwi elikhulu;

yiba nomusa kimi, ungiphendule.

8 Kuwena othi: “Funani ubuso bami,”

inhliziyo yami ithi:

“Ubuso bakho, Jehova, ngiyabufuna.”

9 Ungafihli ubuso bakho kimi,

ungaxoshi inceku yakho ngokuthukuthela;

wena ulusizo lwami, ungangilahli,

ungangishiyi,

Nkulunkulu wensindiso yami.

10Ngokuba ubaba nomame bangishiyile,

kodwa uJehova uzakungamukela.

11 Ngifundise indlela yakho, Jehova,

ungihole endleleni ekhanyayo

ngenxa yezitha zami.

12 Unganginikeli entandweni yezitha zami;

ngokuba ofakazi bamanga bangivukele kanye nabafutha

ukudlozomela.

13 Yeka, uma bengingathembanga ukubona

okuhle kukaJehova ezweni labaphilayo!

14 Lindela uJehova, uqine,

inhliziyo yakho ime isibindi;

yebo, lindela uJehova.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help