U-Isaya 57 - isiZulu 1959/1997

1Olungileyo uyabhubha,

akakho okubeka enhliziyweni;

abantu abanomusa bayasuswa,

kungaqondi muntu.

Olungileyo uyasuswa ebubini,

2 angene ekuthuleni;

abahambe ngobuqotho bayakuphumula emibhedeni yabo.

3 “Kepha sondelani

nina madodana abahlola imihlola,

inzalo yomphingi neyesifebe.

4Nidlala nobani,

nikhamisela bani umlomo,

ninyalizela bani, na?

Anisibo abantwana beziphambeko,

inzalo yamanga yini,

5 nina enisha phakathi kwama-oki*

phansi kwayo yonke imithi eluhlaza,

enibulala abantwana ezigodini

phansi emifantwini yamadwala, na?

6Isabelo sakho siphakathi kwamatshe abushelezi asesigodini;

wona yiwo angawenkatho yakho;

nakuwona uthululele umnikelo wokuphuzwa,

wenza umnikelo wempuphu.

Ngiyakwaneliswa ngalokhu na?

7 Entabeni ende nephakemeyo

uwubekile umbhede wakho;

futhi wakhuphukela khona

ukunikela ngomhlatshelo.

8Wabeka isithombe sakho emva kwezicabha nezinsika,

wazambulela omunye kunami,

wakhwela embhedeni, wawandisa,

wavumelana nabo,

wayithanda imibhede yabo,

wazibonelela indawo.

9Waya kuMoloki uphethe amafutha,

wawandisa amakha akho;

wathumela kude izithunywa

zakho, wazehlisela nasendaweni yabafileyo.

10Wakhathala ngobude bendlela,

kepha awushongo ukuthi: ‘Kuyize.’

Wathola amandla aneleyo,

ngalokho awuphelanga amandla.

11 “Washaywa luvalo ngobani, wamesaba,

waze waqamba amanga,

awangikhumbula,

futhi ungakubekanga enhliziyweni yakho, na?

Angithi njengokuba ngithulile kwasendulo,

awungesabi, na?

12Mina ngiyakumemezela ukulunga

kwakho nemisebenzi yakho;

kepha akuyikukusiza.

13 Ekukhaleni kwakho izixuku zezithombe zakho mazikophule,

kepha umoya uzakuzisusa zonke,

ukuphefumula kuzithathe;

kodwa othemba kimi uzakudla ifa lezwe,

adle nefa lentaba yami engcwele.”

14 Kuyakuthiwa:

“Hlelani, hlelani, nilungise indlela,

nisisuse isikhubekiso endleleni yabantu bami.”

Ukuphiliswa kothobekileyo

15 Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu,

ohlala kuze kube phakade,

ogama lakhe lingoNgcwele, uthi:

“Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele,

kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo,

ukuvuselela umoya wabathobekileyo

nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.

16 Ngokuba angiyikulwa kuze kube phakade,

angiyikuthukuthela njalonjalo,

ngokuba umoya ubuyakuphela phambi kwami,

leyo miphefumulo engiyenzileyo.

17 Ngenxa yobubi bokuhaha kwakhe ngathukuthela,

ngamshaya, ngazisitheza ngisathukuthele,

kepha waqhubeka wahlubuka ngendlela yenhliziyo yakhe.

18Ngizibonile izindlela zakhe, ngiyakumphilisa;

ngiyakumhola, ngimduduze yena nabamlilelayo,

19 ngidala izithelo zezindebe zomlomo ngokuthi:

Ukuthula, ukuthula kuye okude nakuye oseduze,” usho uJehova;

“ngiyakumphilisa.”

20 Ababi banjengolwandle olunyakazisiweyo,

ngokuba alunakuphumula,

namanzi alo akhipha udaka nobishi.

21 “Akukho ukuthula kwababi,” usho uNkulunkulu wami.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help